Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Idinga ukushintshwa imithetho yokuhweba yakuleli’

‘Idinga ukushintshwa imithetho yokuhweba yakuleli’

by | 19 November 2025

ININGIZIMU Afrika idinga abaholi abanesibindi, abazobuyekeza imithetho ethinta ukuhwebelana namanye amazwe omhlaba ukuvulela abakuleli amathuba emisebenzi.

Lona wumbono kaMnu Nhlakanipho Wiseman Ntombela oyiMeya yaseMkhambathini, awusho engxoxweni neLANGA ngobubha obukhungethe intsha yakuleli ephuma emanyuvesi neziqu ezingayisizi. Indawo yaseMkhambathini ingenye yezingenawo amathuba emisebenzi njengoba amafemu engekho, inedolobha elincanyana eliseduze komgwaqo owuthelawayeka uN3, eliphakathi kweTheku noMgungundlovu.

Ithemba elikhulu lemisebenzi kubantu bakule ndawo belisembonini ekhiqiza izinkukhu iRainbow, eseyidonsa kanzima, kanti abanye bebethembe i-Assmang Manganese athe abaphathi bayo sebeyayivala ngoba bethi sekunamathuba angcono enzuzo abawabona ngaphandle kwakuleli.

Uthi ukuvuleleka kokungena kwenyama yenkukhu eqhamuka kwamanye amazwe yikhona okukhinyabeze iRainbow, okuyinto eseyenzeka nasembonini yezimoto njengoba kungena ngamandla ezaseChina, ezishibhile.

“EThekwini kunenkampani iToyota lapho zihlanganiswa khona izimoto zalolu hlobo, okudala amathuba emisebenzi kubantu bakuleli. Zingaba khona izingxenye zeToyota ezifika sezenziwe ziqhamuka ngaphandle, kodwa wonke umsebenzi wokuhlanganisa zonke izingxenye ukuze kuphume imoto ehambayo, wenziwa kuleli.

“Okubi ngalezi zimoto zaseChina ezigcwele emigwaqweni yakuleli wukuthi zifika ngemikhumbi sezakhiwe, ziphelele. Yimaphi-ke amathuba omsebenzi atholwa ngabantu bakuleli? Nazo ngabe kungcono ukuba zilethwa zihlakazekile, ukuze zihlanganiswe ngabantu bakuleli okungabanika amathuba emisebenzi nolwazi,” esho.

Lapha uNtombela ubenza isibonelo ngalokho akubona kukhinyabeza nakakhulu umnotho wakuleli njengoba amafemu amaningi endwangu eselavalwa, ekubeni ayeqashe abantu abaningi, sekusetshenziswa eqhamuka ngaphandle. Nemboni eyayakha ibhodi eMtshezi, iMasonite, seyavalwa njengoba selilandwa eBrazil, kanti nezezinsimbi zidonsa kanzima ngezizathu ezifanayo.

“Uma isimo siqhubeka ngalolu hlobo, eminyakeni ewu-20 ezayo abantu bakuleli kuzokuba nzima ukuthi bakwazi ukuthenga izimoto ngoba bazokube bengenayo imisebenzi njengoba kucaca nokuthi sisilele emuva nasebuchwephesheni besimanje, ukuqhathanisa namanye amazwe aqhamuka nezinto ezintsha (gadgets) usuku nosuku,” esho.

Nokho uthi unalo ithemba lokuvuleka kwamathuba emisebenzi eMkhambathini, njengoba belinde impendulo yenkampani yotshwala iHeineken, ukuthi iyovula imboni kule ndawo kumbe eThekwini njengoba ethi sekusele lezi zindawo zombili kwezazifake izicelo.

Lo masipala uzigqaja ngeziqiwi ezine, okuwuMgwahube onezindlulamithi nezinyamazane, iNsingizi, iThala elinanobhejane noMsinsi. Unanentaba uMkhambathi, oheha ngayo izivakashi njengoba inomthombo esicongweni, onamanzi aqhamuka eseyimpophoma uMshoba Waterfall, ethathwa njengengcwele njengoba amabandla ehlukene ejwayele ukuyokhuleka kuyona.

Lo masipala bewunohambo lokuqwala le ntaba – ababuye bayibize ngeMkhambathi Table Mountain – obelungeledlule, obeluhanjelwe nangamakhosi amabili akule ndawo, okungeyakwaNtombela neyakwaMdluli, futhi obeluvulelekile nasemphakathini.

Emuva kwalolu hambo kuyiwe eNdlondlo Cultural Village edlisa ngezinto zesintu ezenziwa khona kusuka ebuhlalwini, amacansi kanti ijwayele ukuheha izikole ezazidume njengezabamhlophe phambilini, ukuyofunda ngokwesintu, kanjalo nabaqhamuka emazweni angaphandle abasuke befikele eThekwini ngomkhumbi iMSC.

“Iqembu lendlamu iNdlondlo lijwayele ukumenywa ukuyokwamukela izivakashi zakwamanye amazwe uma zifika eThekwini ngomkhumbi iMSC, okusijabulisayo.”

Uphethe ngokuthi ipolitiki yakuleli isahlupha ngokuthi kudlalwa indoda kunebhola, okuyinto engalithuthukisi izwe.

“Isibonelo salokhu wukuthi ukhuvethe lwahlasela wonke amazwe, kwamanye kwabhujwa kuwona ngokwezibalo zabafa, kodwa uthola kukhona abathi umengameli wakuleli nguyena owafaka lesi sifo ezweni; kanjani?

“Nakomasipala basekhaya ningancishwa amanzi ngamabomu ngowesifunda uma niphambana ngokwepolitiki ngoba bekuqhatha nomphakathi ukuthi wehlulwa umsebenzi osuke ungekho vele ngaphansi kwakho, ngoba amanzi alawulwa yizifunda,” esho.

Uthi ufisa kube nesifundo esiyimpoqo, esithinta amabhizinisi ezikoleni ukuze wonke umfundi eyophuma enolwazi lokuthi imali iphathwa kanjani ukuyikhulisa.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...