Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Kuthiwa uzofihlwa ngoMgqibelo eGoli uPhumlani Msibi

Kuthiwa uzofihlwa ngoMgqibelo eGoli uPhumlani Msibi

by | 27 June 2025

Kuthiwa uzofihlwa eGoli ngoMgqibelo obengumsakazi wezemidlalo kwaSuperSport uPhumlani Msibi oshone ngesonto eledlule ngemuva kokuxinwa ukugula isikhathi eside.

Abaningi bebebheke ukuthi afihlwe KwaZulu-Natal kwazise inkaba yakhe iseBergville kanti wake wahlala eMlazi lapho ayefundisa khona, enguthisha.

Ngokomthombo osemndenini kaMsibi, inkonzo yomngcwabo izokuba eKrugersdorp, ngo-9 ekuseni. Ngehora leshumi nambili (12) abomndeni nalabo abakhethekile bazohamba sekuqondwe emathuneni lapho eyobekwa khona.

Umndeni uthe inkonzo yesikhumbuzo izokwenziwa ngoLwesine endaweni esazomenyezelwa.
Kuthiwa umndeni ufuna uMsibi afihlwe ngesizotha kungekho siphithiphithi sabezindaba.

UMsibi uzakhele ugazi kubathandi bezemidlalo ngendlela enobuchule abesakaza ngakhona isibhakela nebhola. Uzokhunjulwa ngesitayela sakhe sokuthi “Appreciate your time, thoughts please” njalo uma ekhuluma nabaqeqeshi ngemuva komdlalo.

UMBIKO NGU: LINDA XIMBA

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...