Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Kuthiwa uzofihlwa ngoMgqibelo eGoli uPhumlani Msibi

Kuthiwa uzofihlwa ngoMgqibelo eGoli uPhumlani Msibi

by | 27 June 2025

Kuthiwa uzofihlwa eGoli ngoMgqibelo obengumsakazi wezemidlalo kwaSuperSport uPhumlani Msibi oshone ngesonto eledlule ngemuva kokuxinwa ukugula isikhathi eside.

Abaningi bebebheke ukuthi afihlwe KwaZulu-Natal kwazise inkaba yakhe iseBergville kanti wake wahlala eMlazi lapho ayefundisa khona, enguthisha.

Ngokomthombo osemndenini kaMsibi, inkonzo yomngcwabo izokuba eKrugersdorp, ngo-9 ekuseni. Ngehora leshumi nambili (12) abomndeni nalabo abakhethekile bazohamba sekuqondwe emathuneni lapho eyobekwa khona.

Umndeni uthe inkonzo yesikhumbuzo izokwenziwa ngoLwesine endaweni esazomenyezelwa.
Kuthiwa umndeni ufuna uMsibi afihlwe ngesizotha kungekho siphithiphithi sabezindaba.

UMsibi uzakhele ugazi kubathandi bezemidlalo ngendlela enobuchule abesakaza ngakhona isibhakela nebhola. Uzokhunjulwa ngesitayela sakhe sokuthi “Appreciate your time, thoughts please” njalo uma ekhuluma nabaqeqeshi ngemuva komdlalo.

UMBIKO NGU: LINDA XIMBA

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...