Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Ungowokuqala onsundu onemvume yokuthwala abantu ngesikebhe

Ungowokuqala onsundu onemvume yokuthwala abantu ngesikebhe

by | 18 October 2025

UKHUTHAZA intsha ukuba isebenzise lokho enakho ukuziqalela amabhizinisi, ingalindi ukukhangezwa owesilisa owaba ngowokuqala onsundu ukuba nemvume yokulayisha abantu ngesikebhe KwaMhlabuyalingana, eMkhanyakude.

UMnu Mthokozisi Nsele (39), ongumnikazi weKosi Thonga Safaris, uthi wangenwa wuthando lomkhakha wezokuvakasha eneminyaka ewu-15. Ungowokuzalwa KwaMazambane, eManguzi, lapho ephothule khona umatikuletsheni wakhe. Waqala ukubamba amatoho ezindaweni zabantu abanamabhizinisi ezindawo zokulala.

“Ngokuhamba kwesikhathi ngaya eThekwini, ngafike ngenza izincwadi zokushayela isikebhe. Ngabe sengiqashwa kwenye indawo enezikebhe, khona eThekwini. Ngesikhathi ngisebenza lapho, bengiyibeka ingxenye yemali, okwathi emuva kwesikhathi, ngathola umsebenzi eSt Lucia, eMtubatuba. Ngeshwa-ke kwagadla iCovid 19, kwakhishwa mina.

“Kulapho-ke engithathe khona ingxenye yemali ebengiyibeka, ngaqala ukufuna ukuba nesami isikebhe. Ngangino-R200 000, kudingeka ukuba ngihlanganise u-R250 000 ngoba sasibiza u-R450 000. Ngafaka isicelo sokuxhaswa eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha, semukelwa. Emuva kwalokho ngaluthola uxhaso lwemali, kusetshenziswa iSimangaliso Wetland Park.

“Ngenxa yokusebenza ngokuzikhandla nokuzimisela, kumanje senginezikebhe ezimbili. Sisodwa silayisha abantu aba-wu-12,” echaza.

NGUMNU Mthokozisi Nsele ongumnikazi weKosi Thonga Safaris, eManguzi.

Uchaze ngothando lwakhe lokungena emkhakheni wezokuvakasha. UnoLevel 3 wesitifiketi esimgunyaza ukuhamba nezivakashi iKwaZulu-Natal yonke.

“Ngikhumbula ukuthi sisebancane nabanye abafana esasikhula nabo, kwakuyaye kuthi ngezimpelasonto uma singayile esikoleni, siyohlala kwesinye isigodi KwaMadlangula, ngenhloso yokulindela izivakashi, ezinye zazo ezisuka kwamanye amazwe.

“Abelungu sasihamba nabo ibanga elide, sibakhomba izihlahla nezinyoni abasuke befuna ukuzazi. Kusukela lapho ngineminyaka ewu-15, ngaqala ukuba nothando lokuba semkhakheni wezokuvakasha.

“Ngikhuthaza abantu abasha abanamaphupho okungena emabhizinisini ukuba bangalindeli ukuxhaswa, kodwa mabasebenzise okukhona, uhulumeni uzobathola ngendlela,” kusho uNsele. phumlani@ilanganews.co.za

Ezisematheni

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi wakwa-V, ezakhiweni eZimeleni, eMlazi, ngowesilisa okuthiwa ushokhwe wugesi washona belungiselela ukuyolala nentombi entsha, ethi ifike endlini yakhe izomqoma. Umndeni kamufi uMnu Philani Mkhungo (36), uthi usele nemibuzo...

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

UMLINGISI wakumabonakude uMenzi Nxumalo uthi kuningi okusadingeka ukuba kwenzelwe abantu abaphila nokukhubazeka ukuze nabo bazibone beyingxenye yomphakathi. Enhlangnweni ayisungulile engenzinzuzo iNokusa Support for Disabled People uthi ibhekela izidingo iphinde futhi...