Ilanga News
Home 9 Featured 9 KUHLEHLISIWE UKUKHISHWA KWESIGWEBO SOWABULALA UMYENI OYIPHOYISA

KUHLEHLISIWE UKUKHISHWA KWESIGWEBO SOWABULALA UMYENI OYIPHOYISA

by | 15 November 2024

NGUFAITH Ntombela owavuma icala lokwakha itulo lokubulawa komyeni wakhe UCapt Thomas Zwelakhe Ntombela.

THANDOLUHLE NGUBO

UKUBAMBEZELEKA kokuhlinzekwa kwenkantolo ngamaphepha agcwaliswe ngosonhlalakahle kuholele ekuhlehlisweni kokuwiswa wesigwebo sikaNongcebo Faith Ntombela (43) obhekene namacala amahlanu okubalwa kuwo nelokubulala umyeni wakhe owayeyisikhulu samaphoyisa kaMasipala weTheku.

UCpt Thomas Zwelakhe Ntombela wadutshulwa wabulawa esemzini wakhe ngoNhlaba (May) wonyaka odlule. UFaith ubevele ngoLwesine eNkantolo eNkulu yaseThekwini lapho obekulindelwe khona ukuba ijaji, uMnu Mahendra Chetty, limgwebe ngemuva kokuvuma icala ngoNcwaba (August) walo nyaka.

Ijaji lithe ukuthi lizodinga isikhathi ukuze lifunde umbiko wosonhlalakahle oqukethe imininingwane mayelana nokunakekelwa kwezingane zikaFaith, ungaphambi kokumgweba.

Ngokuthola kweLANGA, lo mbiko uqukethe ulwazi oluthi izingane zakwaNtombela ezine (okungezimbili zikaFaith nabazukulu ababili) zinakekelwe kahle ngaphansi kwesandla sikaMnu Nathi Ntombela, oyiwele likamufi.

Abanye ababandakanyekayo kuleli cala yinkabo uMzo Ntombela owavuma icala, wagwetshwa iminyaka ewu-20, nguMnu Sithembiso Khumalo onguthishanhloko waseMpephose Primary School, KwaMaphumulo, noKhulani Cele ovele udonsa udilikajele ngecala lokubulala elingahlobene naleli.

Inkantolo ikuhlelisele umhla ka-29 kuLwezi (November) ukukhishwa kwesigwebo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...