Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umfundisi obhekene nelokubulala ‘ubaleke’ sekuzokhishwa isinqumo

Umfundisi obhekene nelokubulala ‘ubaleke’ sekuzokhishwa isinqumo

by | 13 December 2025

ZISALE zibambe ongezansi izethameli eNkantolo yeMantshi yaseMtubatuba ngoLwesibili, uMfundisi Lucky Menyuka waseDukuduku enyamalala sekufanele kukhishwe isinqumo ecaleni lokubulala ngesihluku ayanyaniswa nalo.

Usolwa ngokubulala uNkz Thembelihle Nxumalo (25) owayeyintombi yakhe. Isidumbu sakhe satholakala emuva kosuku enyamalele, sinezimpawu zokushaywa namanxeba awu-48 okugwazwa. Lesi sigameko senzeka ngoNhlolanja (February) 2020. Kuthiwa umufi wayephume kubo eyohlangana nomsolwa.

Waboshwa emuva kwezinsuku ezimbalwa kwenzeke isigameko, wabuye wadedelwa ngebheyili. Kuyona yonke le minyaka ubeyaye aphume kubo aye enkantolo ngoba imdinga, noma uma kuzoqulwa icala. Ngeledlule umsolwa utshele inkantolo ukuthi wayecele ukuhlangana nomufi ngoba efuna ukuthi bakhulume ngodaba lwezinsolo ayenazo zokuthi uthakathwa ngunina kamufi.

Waveza nokuthi wayefuna ukuthi bahlangane ukuze bezohlela ukuyogeza umufi isinyama “ayehamba naso”. NgoLwesibili kwenziwe izethulo phakathi kwazo zonke izinhlaka okubalwa kuzona nommeli kamsolwa amthole ngosizo lukahulumeni.

Inkantolo iguqe isikhashana ngoba isayobhunga ngesinqumo kuleli cala. Izethameli nabo bonke abebekhona babuyelile enkantolo okuthe uma kubhekwa ebhokisini labamangalelwa, uMenyuka ubengasabonwa. Umndeni wesisulu ukhale ngobudedengu bezomthetho kule nkantolo.

“Njengoba bebenolwazi lokuthi sebezokhipha isinqumo, bekungafanele ayekwe ukuthi azihambele yedwa. Ushiye umazisi wakhe nomakhalekhukhwini kumshana wakhe, emuva kwalokho wangabe esabuya enkantolo,” kusho umthombo.

UNkk Sibongile Nxumalo ongunina kamufi, uthe bathole ucingo kwelinye lamaphoyisa libabuza ukuthi balale kanjani.

“Namuhla ekuseni (izolo) ngithole ucingo, obefona ozichaze ngokuthi usemaphoyiseni. Anginaso isiqiniseko sokuthi yiphoyisa leli ebelifona. Sinethemba lokuthi amaphoyisa azoyilandela imigudu ebhalwe encwadini, egunyaza ukuba aboshwe uma kwenzeka ebonakala,” kusho uNkk Nxumalo.

Ezisematheni

Indida uLosi ekhethwa njengonobhala-jikelele weCosatu

Indida uLosi ekhethwa njengonobhala-jikelele weCosatu

NGUMNU Mike Shingange onguMengameli omusha weCosatu. KUQUBUKE ukudideka kwabaningi ngesikhathi uZingiswa Losi, obengumengameli weCosatu, esekhethwa ebangunobhala-jikelele, walo mfelandawonye wezinyunyana. Engqungqutheleni yeCosatu yezinsuku ezintathu ephothulwe...

Uyalelwe ukuthi aphumule uZuma ekhishwa esibhedlela

Uyalelwe ukuthi aphumule uZuma ekhishwa esibhedlela

NGEMUVA kwesonto lonke, elaliswe esibhdlela iSt Anne's, ePietermaritzburg, uMengameli weMK Party, nowakewaba nguMengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma, ugcine ekhishiwe esibhedlela. Ukhishwe ngoLwesibili, ekuseni, kanti kuthiwe akayophumula emzini wakhe KwaDakwadunuse,...