Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo Featured 9 Kuhlelwe iWalk ukuqwashisa ngesifo iLupus

Kuhlelwe iWalk ukuqwashisa ngesifo iLupus

by | 13 May 2026

NGU-ELIHLE Samu ongumsunguli we-Elihle Samu Foundation.

UMPHAKATHI wesePort Shepstone uhlelelwe i-3km walk lapho kuzokube kuqhwashiswa umphakathi ngesifo iLupus. Le walk ehlelwe yi-Elihle Samu Foundation izokuba ngoMgqibelo kusuka ngo-07h00 ekuseni isukela ePort Shepstone Civic Centre, ngeyesibili kulo nyaka.

Abadidiyeli bawo bathi inhloso yabo ukufundisa abantu ngesifo iLupus okungesinye sesifo okunzima ukuselapha uma usunaso. Lesi sifo kuthiwa sicishe sifane nomdlavuza.

UPhume Mbanjwa we-Elihle Samu Foundation uthe: “”Inhloso yalo mjaho wukufundisa ngeLupus okuyisifo esiyinkinga okuthi uma sesikuhlasele uhlale ngokudla amaphilisi ngaso sonke isikhathi. Sihlukene, abanye senza umzimba wabo kube sengathi badala, kuba buhlungu amalunga (jounts) omzimba, bahlale bekhathe noma bapathwe yikhanda nobuhlungu besikhumba, balahlekelwe yizinwele, nokunye okuningi.

“Ukusheshe sitholakale lesi sifo kuyasiza kanti uma usunaso, uphila ngamaphilisi ukuzama ukusidambisa. NgoMgqibelo sizokube sihambisana noMnyango wezeMpilo, owezeMidlalo nomasipala iRay Nkonyeni.”

Le nhlangano kuthiwa isungula le nhlaba-luhide ukwazisa umphakathi ngelesi sifo, yingoba omunye wabasunguli bayo unesihlobo esihlaselwe yilesi sifo. Unina womunye wabasunguli bayo, kuthiwa uphila naso.

Abafuna ukungenela lo mjaho bangangena ku-https://lupus-awareness-755201.netlify.app/ noma bashayele inombolo ethi: 078 574 0533 noma 074 637 6785; noma bangele ekhasisini lale nhlangano kwi-instagram: elihlesamu_foundation.

Ezisematheni

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UZONDWE amalungu omndeni wakhe umculi kamaskandi uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose ngoba ethi uyaphi ngaphansi kwenkampani yeZingane Zoma ngoba umsunguli wayo uMnu Shobeni Khuzwayo wabulala uMgqumeni "iBhova LikaDikadika" Khumalo (ongasekho). UKhuzani uveze lokhu...

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

BADEDELWE ngebheyili ka-R20 000 umuntu ngamunye uNkk Tsakane Matlala nababili abeboshwe nabo ngecala lokuqasha indawo eseWaterkloof  ebiza u-R95 000 ngenyanga okuthiwa basebenzise isivumelwano somgunyathi abathi isona esiqinisekisa ukuyiqasha kwabo. UTsakane...

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

IPHINI likaKhomishana wamaPhoyisa, elisamisiwe emsebenzini, uJenene Shadrack Sibiya (osesithombeni), lizobuyela enkantolo ngoLwesibili oluzayo lomhla ka-29 kuMandulo (September), liyofaka isicelo sebheyili. USibiya uboshwe ngoMsombuluko, wavela kafushane eNkantolo...