Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 IBucs nezinhlelo ezintsha ngoChaine

IBucs nezinhlelo ezintsha ngoChaine

by | 15 November 2024

SENZO SOKHELA

ISEZINHLELWENI zokugixabeza unozinti wayo, uSipho Chaine (27) (osesithombeni) ngenkontileka i-Orlando Pirates ehanjelwa kahle yizinto emidlalweni yeBetway Premiership.

ILANGA lithole ukuthi iBucs ihlela ukugixabeza lo nozinti odabuka eBloemfontein, eFree State, ngenkontileka entsha futhi ende.

Umthombo waleli phephandaba uthe: “(Abaphathi) Bagculisekile ngakwenza ezintini, cishe bonke abantu bayazibonela ukuthi kumfanele ukunikwa enye inkontileka. “Inkontileka yakhe iyaphela uma kusongwa le sizini, yingakho iPirates ihlela ukumnika eyeminyaka emithathu. Kodwa ngeke itatazele ngodaba lwakhe ngoba akekho vele ozomthatha, izomdedela uma sekuthanda yona. 

“Phela udaba lwakhe lusingethwe ngusihlalo wayo iBucs, u-Irvin Khoza, ngakho-ke kakulula ukuthi kube khona omeshela isinyenyela njengoba ngoJanuary ezobe esenalo ilungelo lokusayina inkontileka yesibambiso nanoma iyiphi iki-labhu emfunayo.”

Imizamo yokuthola uKhoza ukuba apha-wule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belungangeni. 

senzos@ila-nganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...