Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 ‘Sizobuya singcono kakhulu kunakuqala’

‘Sizobuya singcono kakhulu kunakuqala’

by | 2 June 2025

UBEYIPHELA endlebeni ezitobheni zeMamelodi Sundowns uFiston Mayele wePyramids emlenzeni wesibili wowamanqamu weCaf Champions League eJune Stadium eCairo, Egypt. U-Aubrey Modiba ugcine engabuyanga ngesiwombe sesibili njengoba kuyiwe ekhefini esenekhadi eliphuzi. | BackpagePix


IZIGWAZE ngowayo iMamelodi Sundowns iphunyukwa yithuba lokuqukula isicoco seCaf Champions League, iguqiswa ngo-2-1 yiPyramids FC yaseGibhithe emlenzeni wesibili wowamanqamu izolo ngeSonto ebusuku ekuhambeni.

Kube wu-3-2 sekuhlanganiswe imiphumela njengoba umlenze wokuqala obuseNingizimu Afrika uphele zibambene ngo-1-1. IPyramids yiyona evule inkundla ngegoli likaFiston Mayele, ngemuva kwephutha likaGrant Kekana weDowns emuva. Elinye igoli losokhaya lishaywe ngu-Ahmed Samy, kwathi eleDowns lashaywa ngu-Igraam Rayners.

Umqeqeshi wamaSandawana uthi bazovuka bazithintithe, babuye bengcono kakhulu kulo mncintiswano ngesizini ezayo.

“Khona angijabule njengoba sidliwe kowamanqamu kodwa lokho akusho ukuthi angiziqhenyi ngesikwenzile size sifike lapha. Ngiyaziqhenya ngabadlali bami futhi badlale ngokuzinikela. Kube yiziqhutshana ezimbili ezintathu, senza amaphutha asiphuthisele ngenkomishi,” esho

Ubongele izitha, wathi bezikulambele ukunqoba ukwedlula bona.

“Okumqoka manje wukuthi sibuyela emuva, sizibekele izinto ezintsha esifuna ukuzizuza kule sizini ezoqala, bese sibuya sesingcono kakhulu.”

Bekuyifayineli yesibili kulandelana imphutha uCardoso njengoba nyakenye edliwe yi-Al Ahly yaseGibhithe, eqeqesha iEsperance yaseTunisia.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...