Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 UMofokeng uthi kaluyi olubuyayo kwiPirates

UMofokeng uthi kaluyi olubuyayo kwiPirates

by | 27 January 2025

NguRelebohile Mofokeng we-Orlando Pirates oqokwe njengomdlali ovelele behlula iRichards Bay FC KoweNedbank Cup.
Isithombe: NgabeBackpagePix

USONGELA amakilabhu asazobhekana ne-Orlando Pirates uRelebohile Mofokeng odlala esiswini kule kilabhu.

IPirates idlulele kwiLast 16 yeNedbank Cup ihlula ngo-3-1 iRichards Bay koweLast 32 izolo ngeSonto ntambama eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.


Amagoli eBucs ashaywe nguPatrick Maswanganyi amabili noTshegofatso Mabasa, kwathi eleBay lashaywa nguYanela Mbuthuma.


UMofokeng, oqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo, uthi kaluyi olubuyayo kweziMnyama kule sizini.


“Wonke umdlalo esiwudlalayo siwuthatha njengowenkomishi, okuyinto eyenza sihlale silangazelele ukuwina.
Sikufuna konke. Sifuna izinkomishi nesicoco seligi.


“Ngiyawadabukela amakilabhu asazobhekana nathi ngoba ngeke kube lula ukusehlula, azothwala kanzima,” kusho uMofokeng.

UMofokeng ukhuluma kanjena nje umdlalo weBucs olandelayo ngoweBetway Premiership lapho bazobhekana khona nomkhaya bayo iKaizer Chiefs ngoMgqibelo ngo-15h30 eFNB Stadium, eSoweto.

Ezisematheni

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi wakwa-V, ezakhiweni eZimeleni, eMlazi, ngowesilisa okuthiwa ushokhwe wugesi washona belungiselela ukuyolala nentombi entsha, ethi ifike endlini yakhe izomqoma. Umndeni kamufi uMnu Philani Mkhungo (36), uthi usele nemibuzo...

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

UMLINGISI wakumabonakude uMenzi Nxumalo uthi kuningi okusadingeka ukuba kwenzelwe abantu abaphila nokukhubazeka ukuze nabo bazibone beyingxenye yomphakathi. Enhlangnweni ayisungulile engenzinzuzo iNokusa Support for Disabled People uthi ibhekela izidingo iphinde futhi...