Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 UMofokeng uthi kaluyi olubuyayo kwiPirates

UMofokeng uthi kaluyi olubuyayo kwiPirates

by | 27 January 2025

NguRelebohile Mofokeng we-Orlando Pirates oqokwe njengomdlali ovelele behlula iRichards Bay FC KoweNedbank Cup.
Isithombe: NgabeBackpagePix

USONGELA amakilabhu asazobhekana ne-Orlando Pirates uRelebohile Mofokeng odlala esiswini kule kilabhu.

IPirates idlulele kwiLast 16 yeNedbank Cup ihlula ngo-3-1 iRichards Bay koweLast 32 izolo ngeSonto ntambama eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.


Amagoli eBucs ashaywe nguPatrick Maswanganyi amabili noTshegofatso Mabasa, kwathi eleBay lashaywa nguYanela Mbuthuma.


UMofokeng, oqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo, uthi kaluyi olubuyayo kweziMnyama kule sizini.


“Wonke umdlalo esiwudlalayo siwuthatha njengowenkomishi, okuyinto eyenza sihlale silangazelele ukuwina.
Sikufuna konke. Sifuna izinkomishi nesicoco seligi.


“Ngiyawadabukela amakilabhu asazobhekana nathi ngoba ngeke kube lula ukusehlula, azothwala kanzima,” kusho uMofokeng.

UMofokeng ukhuluma kanjena nje umdlalo weBucs olandelayo ngoweBetway Premiership lapho bazobhekana khona nomkhaya bayo iKaizer Chiefs ngoMgqibelo ngo-15h30 eFNB Stadium, eSoweto.

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...