Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho 9 Kulindeleke izivakashi ezingaphezulu kwesigidi eThekwini ngePhasika

Kulindeleke izivakashi ezingaphezulu kwesigidi eThekwini ngePhasika

by | 14 April 2025

KULINDELEKE ukuthi kuphithizele izivakashi ezingaphezulu kuka-1.3 million ngempelasonto yePhasika eThekwini namaphethelo.

Lokhu kuvezwe iMeya kaMasipala weTheku uMnu Cyril Xaba ngoMsombuluko ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni umkhankaso wezokuvakasha walo masipala ngaphansi kwesiqubulo esithi Endless Fun.

Lo mkhankaso wethulwe emcimbini obusenxanxatheleni yezitolo esanda kuvulwa ngokusemthethweni iWestown Square ngaseNtshanga.

UXaba uthe lo masipala usukulungele ukwamukela lezi zivakashi ezizobe ziqhamuka ezindaweni ezahlukene kuleli nangaphandle kwezwe.

Uthe balindele ukuthi lezi zivakashi zisebenzise imali elinganiselwa ku-R2.5 billion futhi umasipala uthuthuke kwezomnotho ngoR6.1 billion. “Silindele ukuthi kwakheke amathuba emisebenzi alinganiselwa ku-11 000 ngalesi sikhathi sonyaka,” kusho yena.

Uthe banethemba lokuthi nakanjani izivakashi ezivakashela eThekwini zizoba nempelasonto ezingasoze zayikhohlwa.

Uthe lokhu ukusho ngoba izinhlelo zokuqinisekisa ezokuphepha zikhona njengoba besebenzisana nezinhlaka ezahlukene ukuqinisekisa ukuthi abukho ubugebengu obuphazamisayo noma okungenza izivakashi zingagculiseki.

Uthe uhlelo lwezokuphepha luhlanganisa amaphoyisa kamasipala, awophiko lwe-SAPS, onogada abajutshiwe ezindaweni ezahlukene abazosebenzisana namaphoyisa.

“Okwethu wukuthi sibe nempelasonto lapho izivakashi zethu zizothokoza ngaphandle kwezihibe,” esho.

UXaba uthe ngaphandle kweindawo zokuvakasha lo masipala ogabe ngazo kodwa okunye abazokuqhakambisa kule mpelasonto imicimbi ezobe ikhona okubalwa kuyo iJoyous Celebration Mega Fest neminye ezobe ithe chithi saka ezindaweni ezahlukene.

Uveze iukuthi le mpelasonto ifika ngesikhathi esifanele njengoba iza lapho isikhumulo sezindiza iKing Shaka International Airport isanda kuklonyeliswa ngendondo yeBest Regional Airport emcimbini we-2025 Skytrax Awards eMadrid eSpain.

“Siyajabula futhi yona iKing Shaka International Airport isanda kuvula umzila waseBotswana lapho samukele indiza i-Air Botswana ehamba phakathi kweTheku neGaborone,” kusho uXaba.

Uphinde waphawula nangamabhishi eTheku lapho eveze ukuthi kuyajabula ukuthi kwawu-23 akhona kulo masipala, awu-20 asebenza ngokugcwele nokuyizindaba ezizojabulisa abantu.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...