
SIDINWE sithelwa ngamanzi isilomo sikamasikandi uThokozani “Somanandi”Langa ngokuchashwa ngenhlamba ngumlandeli ezinkundleni zokuxhumana ( facebook).
Ekhuluma neLanga Langempelasonto uSomnandi uveze okukhulu ukuphoxeka ngesenzo salo mlandeli.
“Angimanzi ngisho ukuthi ubani lo muntu ngibone esengichapha ngenhlamba nje. Ngizwe ibandla lithi selimtholile usebenza kwesinye seziitolo ezinkulu ezidayisa ukudla eThekwini, kwaMashu. Nami ngiyafisa ukwazi ukuthi ungithuka nje bengimenzeni,”esho ngokukhulu ukunengeka.
Le nkulumo eqoshiwe kuvela ukuthi ibhalwe uSfiso Ngcobo Cebo ifundeka kanje.
“Kanti usacula yini webabu uLanga ngangithi kuthiwa sewavele wathatha isayidi waba umlandeli wezwakala usuthi abalandeli bakaKhuzani baqomile awu akufani nawe kodwa lokho umdala kabi mawumngaka baba,” ukukha phezulu.
Ukubhalwa kwale nkulumo kuhambisana nenhlamba leliphephandaba elingeke likwazi ukuyishicilela.
USomnandi usengenye yezingqalabutho emculweni kamasikandi njengoba esenesikhathi eyibambile.
Ugile izimanga emcimbini iMother of All parties obusenkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, ePeople’s Park ngompelasonto.
Abantu bamjabulele kakhulu.
Esithombeni umculi kamasikandi okhala ngomthuka ngenhlamba ezinkundleni zokuxhumana.