Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Inkakha kamaskandi iwotha ubomvu ngokuchashwa ngenhlamba kuFacebook

Inkakha kamaskandi iwotha ubomvu ngokuchashwa ngenhlamba kuFacebook

by | 10 April 2025

SIDINWE sithelwa ngamanzi isilomo sikamasikandi uThokozani “Somanandi”Langa ngokuchashwa ngenhlamba ngumlandeli ezinkundleni zokuxhumana ( facebook).

Ekhuluma neLanga Langempelasonto uSomnandi uveze okukhulu ukuphoxeka ngesenzo salo mlandeli.

“Angimanzi ngisho ukuthi ubani lo muntu ngibone esengichapha ngenhlamba nje. Ngizwe ibandla lithi selimtholile usebenza kwesinye seziitolo ezinkulu ezidayisa ukudla eThekwini, kwaMashu. Nami ngiyafisa ukwazi ukuthi ungithuka nje bengimenzeni,”esho ngokukhulu ukunengeka.

Le nkulumo eqoshiwe kuvela ukuthi ibhalwe uSfiso Ngcobo Cebo ifundeka kanje.

“Kanti usacula yini webabu uLanga ngangithi kuthiwa sewavele wathatha isayidi waba umlandeli wezwakala usuthi abalandeli bakaKhuzani baqomile awu akufani nawe kodwa lokho umdala kabi mawumngaka baba,” ukukha phezulu.

Ukubhalwa kwale nkulumo kuhambisana nenhlamba leliphephandaba elingeke likwazi ukuyishicilela.

USomnandi usengenye yezingqalabutho emculweni kamasikandi njengoba esenesikhathi eyibambile.

Ugile izimanga emcimbini iMother of All parties obusenkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, ePeople’s Park ngompelasonto.

Abantu bamjabulele kakhulu.

Esithombeni umculi kamasikandi okhala ngomthuka ngenhlamba ezinkundleni zokuxhumana.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...