
UMNYANGO wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal usujube ithimba labatakuli ukuyosiza umphakathi ovaleleke eqhweni eMpendle, maphakathi nesifundazwe.
Lithikikile iqhwa ezindaweni ezigudle izintaba zoKhahlamba, kusukela izolo ngoMsombuluko. Umgwaqo u-R617, phakathi kweSwartburg ne-Underberg, kuphoqeleke ukuthi uvalwe ngoLwesibili ekuseni, ngoba iqhwa belenza izimoto zingakwazi ukuhamba, zijikiselwe ku-R56.
Okhulumela uMnyango, uMnu Ndabezinhle Sibiya, uthi isimo basiqaphile futhi nabatakuli abathunyelwe, bazoba kuleziya zindawo isimo size sibuyele kwesejwayelekile. Iqhwa licekele phansi imfuyo nezitshalo emasimini.
Enye indawo embozwe yiqhwa yiMatatiele, emngceleni weKwaZulu-Natal ne-Eastern Cape. Izingane ziyalelwe ukuba zingayi ezikoleni kanti namanye amabhizinisi edolobheni, awazange avulwe njengoba likhithikile.
menzi.jele@ilanganews.co.za.







