Ilanga News
Home 9 Featured 9 Sekujutshwe ithimba labatakuli eMpendle

Sekujutshwe ithimba labatakuli eMpendle

by | 11 August 2026

UMNYANGO wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal usujube ithimba labatakuli ukuyosiza umphakathi ovaleleke eqhweni eMpendle, maphakathi nesifundazwe.

Lithikikile iqhwa ezindaweni ezigudle izintaba zoKhahlamba, kusukela izolo ngoMsombuluko. Umgwaqo u-R617, phakathi kweSwartburg ne-Underberg, kuphoqeleke ukuthi uvalwe ngoLwesibili ekuseni, ngoba iqhwa belenza izimoto zingakwazi ukuhamba, zijikiselwe ku-R56.

Okhulumela uMnyango, uMnu Ndabezinhle Sibiya, uthi isimo basiqaphile futhi nabatakuli abathunyelwe, bazoba kuleziya zindawo isimo size sibuyele kwesejwayelekile. Iqhwa licekele phansi imfuyo nezitshalo emasimini.

Enye indawo embozwe yiqhwa yiMatatiele, emngceleni weKwaZulu-Natal ne-Eastern Cape. Izingane ziyalelwe ukuba zingayi ezikoleni kanti namanye amabhizinisi edolobheni, awazange avulwe njengoba likhithikile.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithe esikhundleni unobhala jikelele weqembu, uMnu Sibonelo Nomvalo wafaka, uNkz Lindiwe Mtshali esikhundleni sakhe. Izinguquko zenzeke emva kophenyo lwangaphakathi oluveza ukuthi uNomvalo kukhona izinto angazihambisi kahle eqenjini...

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...