
USHAYE ungqimpho- thwe, wanqaba ibheyili emuva kokuba izihlobo zakhe zinqabe ukuba ayohlala nazo, owesilisa osolwa ngokubulala owesilisa abesemgwaza okwesibili.
UMnu Sfiso Gwala (34), ubevele eNkantolo yeMantshi yaseMlazi ngoLwesithathu, ngecala lokubulala uMnu Mzwandile Mbhele (42), okuthiwa ubese- mgwaza okwesibili kulo nyaka, wagcina ngokumbulala.
NgoLwe- sithathu, beku- lindeleke uku- ba afake isicelo sebheyili, ko- dwa wagcina esihoxisa, wa- nqaba ukuqhubeka naso kula- ndela ukuthi izihlobo abe- bhalise ama- kheli azo ukuba angayohlala na- zo uma edede- lwa, zinqabile ukuhlala naye.
ILANGA emasontweni adlule libike kabanzi ngalolu daba, okuvele ukuthi lwenzeka enda- weni yokucima ukoma kwa-D, eMlazi.
Umufi no- msolwa kuthiwa bake baxabana ngoNhlolanja (February), ingxabano isu- swa wukuthi umsolwa wafica umufi ehleli nabangani ba- khe nowesifaza- ne othandana naye (umsolwa), wabasola ngokuthi bayatha- ndana.
Ingxabano yabo kuthiwa yaholela ekutheni uGwala agwaze umufi, kodwa wasinda.
Emuva kwesikhathi kwenzeka lesi sigameko, kuthiwa uGwala uphinde wafica umufi ehleli nabangani bakhe kuyona le ndawo yokucima ukoma, wangena ngaphakathi, wamgwaza kubuka abantu, maqede wabaleka.
Leli phephandaba libike ukuthi emuva kokubaleka, ubuyele kubo uGwala amalungu omndeni wakhe amqhuba amyisa emaphoyi- seni, waboshwa.
NgoLwesibili umphakathi ubuphume ngo- buningi bawo enkantolo, uyokweseka
umndeni wakwaMbhele. Lokhu kubukeke kuthela izithelo ezinhle njengoba uGwala egcine ekulaxaza ukufaka isicelo sebheyili.
Kuvela ukuthi ulaxaze isicelo sebheyili nje, ubesechithwe yizihlobo nomndeni wa- khe, aba- kubeke kwacaca ukuthi ka- basamdini njengoba ebebhali- se ama- kheli amabili; ela- kubo ne- lezihlobo abengaphuma ayohlala kuzona uma ethola ibheyili.
UNkz Silindile Ntsha- ngase ongunina wezingane zikamufi, uthe baja- bule ka- khulu ngokuthi uGwala aqhubeke nokugqu- nywa ngaphakathi, njengoba kusaqhubeka icala.
“Izihlo- bo zakhe abethi uzoyohlala nazo zinqabile.
“Ngi- thanda ukudlulisa ukubo- nga ema- lungwini ompha- kathi abenathi ku- lesi sikhathi esinzima,” esho.







