
UMQEQESHI waKwaZulu-Natal uXolani Mabhida ozakhele igama ecija uBongumusa Mthembu ngesikhathi enqoba iComrades Marathon amahlandla amathathu, uthi angakujabulela uma omunye wabasubathi bakhe engakwazi ukungena kwiTop 10 kwiComrades Marathon ngeSonto. Umjaho walo nyaka uzosukela eThekwini usongwe eMgungundlovu.
UMabhida uza kwiComrades nje, usanda kuqopha umlando umsubathi wakhe uSibusiso Kubheka eba ngowokuqala emhlabeni ukwenza isikhathi esingaphansi kwamahora ayisithupha kwi-100km. UKubheka wenze u-5:59:20 kwi-100km egijima kwiNardo Ring 100km ebihlelwe ngabakwa-Adidas e-Italy. Ubhekwe ngabomvu ukuba akhale emuke nesicoco sika-R925 000 uma enqoba iComrades ngeSonto.
UMabhida ekhuluma neLANGA uthe: “KwiComrades Marathon yalo nyaka ngilindele izinga eliphezulu. Ngendlela okuyiyona, kunzima ukuqagula umgijimi ongase anqobe kanti kayikho nekilabhu engathi yona izozenzela kulo nyaka.
“Nginabasubathi enginabo engingajabula uma bengakwazi ukungena kwiTop 10. Nginethemba lokuthi ngeSonto kukhona engingase ngikuzuze. UKubheka ungumsubathi onamandla, ngiyamthemba ukuthi uzokwenza kahle. Abanye abazokube bekhona nguSphesihle Nsimbi no-Ayanda Ngcobo abasubathela iMaxed Elite. Kukhona no-Aubrey Nzuza oke waziqeqesha noMthembu,” kusho uMabhida.
UNzuza uyigijime kahle iComrades yakhe edlule lapho wake wabonakala ehamba noGerda Steyn isikhathi eside. Lo msubathi (Nzuza) uthe angakujabulela ukwenza kahle ngeSonto.
Ngaphandle kwalaba basubathi, uMabhida uzokube esiza ithimba le-Adidas okungabasubathi abebegijima noKubheka e-Italy. Phakathi kwabo kukhona uJo Fukuda waseJapan no-u-Aleksandr Sorokin waseLethuania.







