Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Iyaqaqamba inhliziyo kobegaqele isikhundla kwiKZN Athletics

Iyaqaqamba inhliziyo kobegaqele isikhundla kwiKZN Athletics

by | 27 May 2025

IYAQAQAMBA inhliziyo kaXolani Mabhida kulandela ukungamukelwa kwesicelo sakhe sokungenela ukhetho lweKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) oluzokuba mhlaka-14 kuJune eWestville. UMabhida ubegaqele isikhundla sokuba yisekela mengameli kule nhlangano eholwa nguSteve Mkasi. Esinye abesifuna ngesokuba ngusihlalo we-road running.


Ukhetho lweKZNA luzokuba lushube kakhulu njengoba beyisihlanu abaqagele isikhundla sokuhola le nhlangano okuwuMkasi, uMandla Mngomezulu, uSello Mokoena, uChris White noRomeo Hulane.
Uhlu lwabangenelo ukhetho lweKZNA lukhishwe ngoLwesihlanu, yilapho uMabhida eshaqeke khona engaliboni igama lakhe yize eseze wenza ne-post kwiFacebook esho ukuthi ungenele isikhundla sikasekela mengameli.


“Ngibuhlungu emoyeni ngokukhishwa kwegama lami yize ngisifakile isicelo. Ngesikhathi ngihambisa isicelo sami ngatshelwa ukuthi sekuvaliwe kodwa ngabatshela ukuthi ifomu ngiyithole ngemuva kwesikhathi, bayamukela. Ngibuhlungu njengoba ngingaliboni igama lami kwabangenelo ukhetho. Kangazi ukuthi ngizothini emakilabhini anginxenxile ukuba ngilungenele. Kayikho into engizoyisho ngizogwanya itshe.Ngiyamthemba uNkulunkulu ukuthi uyonginika ithuba uma sekufike isikhathi sami. Ngiyaxolisa kakhulu kumakilabhu abengicele ukuba ngibe yingxenye yalolu khetho,” kusho uMabhida.


UMabhida ozakhele igama enqoba iComrades Marathon amahlanda amathathu noBongumusa Mthembu useke wanqoba indondo yokuba ngumqeqeshi ovelele kumaKZN Sports Awards.
IKZNA ibuzwa ngodaba lukaMabhida, ithe akubuzwe uMabhida ukuthi usifake nini isicelo sakhe nokuthi yiyiphi ikilabhu emqokile.


Kuza ukhetho lweKZNA kuzokuthi ngoMgqibelo kube olwe-Athletics South Africa (ASA). Kulolu khetho lwe-ASA iCentral Gauteng (CGA) kuthiwa ngeke ibe yingxenye yalo. I-Athletics Free States naye ithe ngeke ibe yingxenye yalolu khetho kanti uSello Mokoena waKwaZulu-Natal ufake icala elingena ngoLwesine ekhala ngokuthi uvinjiwe ukungenela lolu khetho.
Kuthiwa ibhalele i-ASA ukuthi akukho ngisho elilodwa ilungu layo elizokube liyingxenye yokhetho. Okunye okuvelile wukuthi i-ASA icele ukuba kube khona amaphoyisa ngoMgqibelo njengoba kubukeka sengathi imimoya izokube iphezulu kwabanye.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...