Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Kusatshalaliswa uhlelo lokushaya ama-ID nama-passport emabhange

Kusatshalaliswa uhlelo lokushaya ama-ID nama-passport emabhange

by | 14 August 2025


LUYASATSHALALISWA uhlelo lwezobuchwepheshe lokushaywa komazisi abangamakhadi (smart ID), nama-passport emabhange aseNingizimu Afrika, oluzolekelela ekutheni abantu bagweme olayini abade emahhovisi oMnyango wezaseKhaya.

NgoLwesithathu, umnyango usayine isivumelwano sokusebenzisana neFNB, kanti ngoLwesibili usayine isivumelwano esifanayo neCapitec. Uphinde wasayina lesi sivumelwano neStandard Bank.

Beluvele lusebenza uhlelo lokushawa komazisi nama-passport emabhange, kodwa belusavivinywa kusukela ngo-2015. Nokho abemancane kakhulu amagatsha asemabhange lapho abantu bebesizakala khona – njengoba ebalelwa ku-30 ezweni lonke.

Njengoba sekusayinwe lesi sivumelwano sokusebenzisana, umnyango uthi kuzokwandiswa isibalo samagatsha amabhange lapho abantu bezosizakala khona. Uthi kuzokwengezwa amagatsha awu-100 emadolobheni nasezindaweni zasemakhaya.

Uthi uzimisele ngokuthi lolu hlelo lusatshalaliswe emagatsheni awu-1 000 amabhange ahlukene ngo-2029. Phambilini, abanye abantu bebekhononda ngokuthi lolu hlelo lwasemabhange lusezindaweni ezikhethekile – emadolobheni amakhulu – obekwenza lubukeke njengolwabantu abakhethekile. Belutholakala emabhange akhethekile eGoli, eThekwini, Cape Town nasePretoria.

UDkt Leon Schreiber, onguNgqongqoshe wezaseKhaya, uthi ukusatshalaliswa kwalolu hlelo kusho ukuphela kolayini abade emahhovisi omnyango.

Lo mnyango ubhalele wonke amabhange akuleli; okubalwa kuwo i-ABSA, i-African Bank, iTyme Bank, iCapitec, iDiscovery, iFNB, i-Investec, iNedbank neStandard Bank, unxusa ukuthi kusetshenziswane.

Kuthiwa usalindele impendulo kwamanye amabhange. Lolu hlelo kukholakala nokuthi luzolekelela emkhankasweni womnyango wokuqeda omazisi abangamabhukwana aluhlaza, bonke abantu babe nalona oyikhadi.

USchreiber uthi akwamukeleki ukuthi namanje kusenabantu abawu-18 million abanomazisi abadala. Umnyango ubungakayikhiphi imininingwane egcwele ngamagatsha amabhange engeziwe.

Ezisematheni

UseMlazi uMkhosi weLembe walo nyaka

UseMlazi uMkhosi weLembe walo nyaka

UMGUBHO waminyaka yonke wokukhumbula iSilo uShaka, umsunguli wesizwe samaZulu, useKing Zwelithini Stadium, eMlazi, kulo nyaka. Uzoba ngoLwesine, njengoba iSilo uMisuzulu kaZwelithini, sanquma ukuthi imigubho yeLembe, ibengawo umhla ka-24 kuMandulo (September), ilanga...

Ukunqoba kwezokuchibiyela kumnika ugqozi uNtuli

Ukunqoba kwezokuchibiyela kumnika ugqozi uNtuli

UKUNQOBA ezinkethweni zokuchibiyela kuMasipala waseThekwini nowaseMuziwabantu kunika ugqozi uSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli (osesithombeni), ongundunankulu wesifundazwe. UNtuli ekhuluma nabezindaba izolo ngeSonto emcimbini wokwethulwa kukasomqulu...

Kunxuswe amadoda ukulwa nokubulawa kwabesifazane

Kunxuswe amadoda ukulwa nokubulawa kwabesifazane

NGABESIFAZANE Abebeyingxenye yengqungquthela ye-IFP yokwethulwa kukasomqulu wezethembiso zokhetho. UPHAKAMISE ukuba kubizwe imbizo yamadoda ukulwa nesihlava sokubulawa kwabesifazane esidlangile kulezi zinsuku esifundazweni iGauteng, uMengameli we-IFP uMnu Velenkosini...