
AZOFA wukuqaleka amaxhwele njengoba amaphoyisa ebophe umlisa oneminyaka ewu-56 ngecala lokutshala umthunzi wezinkukhu eCamperdown, maphakathi neKwaZulu-Natal.
Amaphoyisa athi ancinzwe indlebe ngepulazi elikule ndawo, elisebenzisa ubuchwepheshe ukukhiqiza insangu ngenhloso yokuyidayisa. Athi agasele kulo, afica izitshalo ezingaphezulu kuka-4000 zensangu, amabhakede awu-70 ensangu elungiselelwa ukudayisa nezinto zokuyibhema, konke okulinganiselwa ku-R30 million. Utholwe nanezinhlamvu eziwu-165 nezibhamu eziyisithupha, okuthiwa zizoya kohlolwa ukuthola ukuthi kazikaze ziwenze yini amacala.
Umsolwa kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseCamperdown maduze.
“OyiNhloko yamaHawks esifundazweni, uMajor-General Lesetja Senona ukushayele ihlombe ukuboshwa komsolwa, wancoma nomsebenzi omuhle owenziwe ngamaphoyisa,” kusho isitatimende samaphoyisa.
Sithe umsolwa oboshiwe uzothweswa icala lokukhiqiza nokuhweba ngensangu, nelokutholwa nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2018, iNkantolo yoMthethosisekelo yanquma ukuthi kusemthethweni ukusebenzisa umthunzi wezinkukhu endaweni esesithe, kodwa wathi kuyicala ukuhweba ngayo ngaphandle kwemvume kahulumeni.







