Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Ubulale ingoduso ‘ethole imfihlo yokuthi ubedla ama-ARV’

Ubulale ingoduso ‘ethole imfihlo yokuthi ubedla ama-ARV’

by | 6 April 2026

KUVELE eyobudlelwano obesebudungekile ngenxa yemfihlo yomyeni okuthiwa ubedla imishanguzo yegciwane lesandulela-ngculaza, efihlele ingoduso yakhe, kulezi zithandani ezishone ngemuva kokuba owesilisa ebulale ingoduso yakhe, esigamekweni esenzeke eNgwavuma, ngoMsombuluko.

Ngokuthola kweLANGA, uMnu Sipho Nkanini (36), usolwa  ngokushaya, aklinye, abulale ingoduso yakhe ebinguthisha, uNkz Thulile Buthelezi (34), maqede wazikhunga ngekhebuli kagesi emzini wabo oseZinhlabeni Reserve, eNgwavuma.

Imibiko iveza ukuthi lezi zithandani bezihlala ndawonye eGoli, kodwa isigameko senzeke zivakashe emzini wazo oseNgwavuma. Kubikwa ukuthi uNkz Buthelezi wathola ngonyaka odlule ukuthi umyeni wakhe udla imishanguzo (ARV) yalesi sifo, yena engazi. Kwathi uma eyohlola, wathola ukuthi yena (uNkz Buthelezi) akakasuleleki.

Kuthiwa ukuthola kwakhe le mfihlo, kudunge ubudlelwano babo. Umthombo waleli phephandaba ulilandise ngokwenzekile ngoMsombuluko. Uthi amalungu omndeni abengazitholi ezingcingweni lezi zithandani, anikela emzini wazo. Kuthiwa ngesikhathi esondela endlini, alunguze ngewindi, abona uNkz Buthelezi edindilize phansi, eduze kwakhe kugcwele igazi.

“Ngesikhathi kwenzeka isigameko, bebebuyile eGoli, besekhaya. Kuthe uma bengatholakali ezingcingweni ngoMsombuluko, kwaphoqa ukuba elinye ilungu lomndeni liye kunina kaNkanini, ohlala eduze nasemzini wabo.

“Kube sekuyiwa endlini yabo, okuthe uma bebona kuvaliwe, balunguza ngewindi, bazithela phezu kwesidumbu sikaNkz Buthelezi, sidindilize phezu kwegazi. Basebenzise umnyango wasegalaji, bangena phakathi endlini. Isidumbu basifice sinezibazi, kubonakala sengathi siqale saklinywa. Ngesikhathi bengena endlini, bebezitshela ukuthi uNkanini ubalekile njengoba bebengamboni. Baqhubekile nokuqalaza endlini, bazithela kuyena ezilengisile ngekhebuli kagesi,” kusho umthombo.

ILANGA likhulume nosondelene nomndeni, ocele ukungadalulwa, othi ingxabano phakathi kwalezi zithandani isuke ngesikhathi uNkz Buthelezi ethola ngonyaka odlule ukuthi umyeni wakhe udla ama-ARV engamazisanga. Lithi kusukela lapho isimo kasiphindanga saba sihle phakathi kwabo.

UNkz Buthelezi kuthiwa ucele umyeni ukuba  amshayise ngomoya kancane, azame ukuthi aphole ngemfihlo ayitholile.

“Bese benesikhathi behlala ndawonye. Ukuthola kukaNkz Buthelezi  ukuthi umyeni wakhe udla imishanguzo kubaxabanisile, wacela umyeni amnikeze isikhathi sokuthi aphole. Kusukela lapho bese benokuxabana, ngoba ubengasafuni nokuthi bambathe ndawonye. Lokhu bekumcasula umufi, esola ukuthi ingoduso yakhe isiyajola.

“NgoMgqibelo kukhona abatshelile (uNkanini) ukuthi uzozibulala, futhi ngeke afe yedwa, uzohamba nengoduso yakhe ngoba uyayithanda. Siyacabanga ukuthi yisona sizathu lesi esenze uNkanini naye wazibulala. Ngaphambi kokuba azibulale, ubhale incwadi exolisa ngakwenzile, wathi uhlulekile wukuba yindoda. Ucele ukuthi imindeni ingaxabani,” esho.

umthombo uthi lezi zithandani zishiye ingane yazo eneminyaka eyisihlanu. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa avule icala lokubulala, nedokodo ngokufa komuntu.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...