UCHAZWE njengobeziyalo ezinobuhlakani owaba nguNgqongqoshe wokuqala wezeMfundo eNingizimu Afrika ngaphansi kukaHulumeni wentando yeningi uSolwazi Sibusiso Bhengu odlule emhlabeni ngoMsombuluko kusihlwa.
USolwazi Bhengu ushonele emzini wakhe eMthunzini enyakatho yeKwaZulu Natal eneminyaka ewu-90 ubudala.
Waba nguNgqongqoshe phakathi kweminyaka 1994 kuya ku-1999 ngaphambi kokuba ajutshwe ayoba inxusa ezweni laseGermany. Uthathe umhlala phansi ngo-2003.
Ushiya emhlabeni unkosikazi wakhe uNkk Funeka nezingane zamantombazane ezine nendodana.
Ngokubika kweSABC isihlobo sakhe uMnu Sithembiso Bhengu umchaze njengomuntu obehlale ekuthokozela ukubona umndeni uhlangene.
Ubekujabulela nokunikeza iziyalo ezinobuhlakani njengoba eke waba nguthisha esikoleni iDlangezwe High.
Uke wafundisa naseNyuvesi yaseZululand ngo-1977.