Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kusolwa umkhankaso wokungcolisa igama leSilo uMisuzulu

Kusolwa umkhankaso wokungcolisa igama leSilo uMisuzulu

by | 31 March 2025

YISITHOMBE ebesihambisana nenkulumo eqoshiwe okuzwakala kuyona iSilo sihilizisana nosasewabo.


ISOLA itulo lokudicilela phansi igama nesithunzi sayo iNgonyama uMisuzulu kaZwelithini ngezinkulumo ezisatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana, lapho izwakala ihilizisana nodadewabo.

Indlunkulu ikhiphe isitatimende iveza ukuthi inalo ulwazi ngalezi zinkulumo eziqoshiwe. Ithi kusobala ukuthi ziqoshwe ngaphandle kwemvume yeSilo.

Kulesi sitatimende indlunkulu isola umkhankaso wokungcolisa igama leSilo esisesihlalweni njengoba sekusondele izinsuku zokuqulwa kwecala lombango wesihlalo sobukhosi bamaZulu. 

“Indlunkulu inalo ulwazi ngama-voice notes. Lolu wudaba oluzosentshenzwa wumndeni, kuzokwenziwa uphenyo lwangaphakathi.


“Emuva kokuphothulwa kophenyo kuzothathwa izinyathelo ezifanele. Umndeni wasendlunkulu ucela ukunikwa ithuba lokubhekana nalolu daba ngenhlonipho ngalesi sikhathi,” kusho isitatimende.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...