Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kulindeleke u-1.3 million wezivakashi eThekwini

Kulindeleke u-1.3 million wezivakashi eThekwini

by | 22 October 2025

NGUMNU Thembo Ntuli, onguSihlalo weKomidi lezokuThuthukiswa koMnotho kuMasipala weTheku.

UMASIPALA weTheku uveze ukuthi usukulungele ukwamukela izivakashi ezilinganiselwa ku-1.3 million, njengoba kuza amaholide ehlobo ahambisana nawokuphela konyaka.

Lokhu kuvele ngesikhathi lo masipala wethula ngokusemthethweni izinhlelo zawo zezokuvakasha njengoba eseseduze amaholide okuphela konyaka. ITheku lisuke liphithizela yizivakashi eziqhamuka ezinkalweni ezahlukene kuleli naphesheya kwezilwandle ngalesi sikhathi.

Ethula inkulumo uMnu Thembo Ntuli, onguSihlalo weKomidi lezokuThuthukiswa koMnotho kulo masipala, uthe isikhathi samaholide ehlobo eThekwini sinikeza izivakashi into yomhlaba njengoba iTheku laziwa ngezindawo ezisezingeni.

“Kuyasijabulisa ukuthi silindele izivakashi ezingaphezulu kwe-million ngalesi sikhathi samaholide. Okusijabulisa kakhulu wukuthi lokhu kuzothuthukisa umnotho weTheku ngesamba semali elinganiselwa ku-R845 million, futhi kwakheke namathuba emisebenzi awu-15 000,” kusho uNtuli.

Uthe iTheku ligabe ngomlando onothile nemfudumalo etholakala kulona. Uveze ukuthi kulo nyaka lo mkhakha wezokuvakasha usukwazile ukwenyusa umnotho ngemali elinganiselwa ku-R5 billion.

Uphinde waveza nokuthi ngesikhathi samaholide okuphela konyaka, sizonyuswa isibalo samaphoyisa nabezokuphepha, okubalwa kubona nabahlengi basolwandle (lifeguards) abazobonakala ezindaweni ezahlukene.

Uqhakambise nokusatshalaliswa kwamakhamera azobe eqopha konke okwenzekayo ezindaweni ezahlukene zeTheku.

UNtuli uthe okuhle ngeTheku wukuthi akulona ibhishi kuphela abagabe ngalo, zikhona nezinye izindawo abantu abangazivakashela okubalwa iValley of A Thousand Hills, iPhezulu Safari, Isithumba Adventures, Inanda Heritage Route neWestown Destination Mall, ukukha phezulu.

Uphinde waqhakambisa nemicimbi athi nayo inomthelela ekuheheni izivakashi kuleli dolobha. Kule micimbi ubalule iDubane Summer Break, i-INK Kasi Experience, iGagasi Beach Fest, iFact Durban Rocks iBotanic Gardens Trail, neminye.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...