Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuphelile ngohlelo lukaNgizwe kwezokuxhumana

Kuphelile ngohlelo lukaNgizwe kwezokuxhumana

by | 6 November 2026

KUSOLWA ukubhacaza kohlelo lweBhinca Nation, olusakazwa nguNgizwe Mchunu kwiPodcast kaMacG, okuholele ekutheni lumiswe kuYoutube.

Kuvela okuningi ngokumiswa kwalolu hlelo nakuba kungacaci kahle isizathu esicacile. Umsunguli wale Podcast uMacG, uthi lolu hlelo alwenzi kahle ngokwezibalo, kanti ngoMsombuluko uveze ukuthi kumba eqolo ukuluqopha ekubeni alunabo abaxhasi okuyisona isizathu sokuluqeda ngokusho kwakhe.

Uthi ukuqoshelwa eThekwini kwalolu hlelo, kuyabiza kakhulu ngoba luqoshelwa khona kabili ngenyanga.

Ngokuthola kweLANGA, kusolwa ukuthi umculi kamaskandi uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose ubeyingxenye yokunyundela lolu hlelo eNdlunkulu kaZulu ehhovisi leSilo. Kuthiwa utshele ihhovisi ukuthi uyahlaselwa kulolu hlelo, ezikhathini eziningi uNgizwe usebenzisa lona ukulwa nempumelelo yakhe (uKhuzani).

Ebuzwa yileli phephandaba uKhuzani, uthe: “Kuyiqiniso, ngibikile ehhovisi leSilo ukuthi uNgizwe ngesikhathi enikezwa lolu hlelo, walucelela izibusiso eSilweni, kodwa uselusebenzisa kabi ekubeni kunezibusiso zeSilo kulona.

Ihhovisi leSilo lakubeka kwacaca ukuthi lizothinta uMacG ngalesi sikhalazo sami,” kusho uKhuzani.

Lolu hlelo luqale ezinyangeni ezimbalwa ukuqoshwa, lukhonjiswa esiteshini sikaMacG iPodcast and Chill Network. Iziqephu eziqoshiwe zisakazwa njalo ngoLwesithathu, zibalelwa ku-36 esezisakaziwe.

Ohlelweni lweBhinca Nation, uNgizwe umema abantu abahlobene kakhulu nendima kamasikandi, baxoxe ngezihloko ezithinta indima kamaskandi.

UMacG uveze ukuthi kungenzeka lubuye lolu hlelo ngokuhamba kwesikhathi uma luthola abaxhasi, kodwa usenomcabango wokuthi olunye lwezinhlelo ezikule podcast, i-Read The Room, luvale isikhala solweBhinca Nation.

Ezisematheni

I-IFP neMKP ithathe izihlalo eMngeni kwaphuma i-EFF

I-IFP neMKP ithathe izihlalo eMngeni kwaphuma i-EFF

IMEYA kumasipala Umngeni, uMnu Chris Pappas uthi isiqinisekisiwe imiphumela yokubalwa kwamavoti ngaphansi kukamasipala wakhe. Ubhale ekhasini lakhe likaFacebook ukuthi Umngeni unezihlalo ezingu-25. Kulo masipala uthe iDA inezingu-15, kube yiMKP ethole ezingu-5, i-ANC...

Ubulale unina wengane ngosuku lwakhe lokuzalwa

Ubulale unina wengane ngosuku lwakhe lokuzalwa

KUSOLWA ukuthi ugajwe yisikhwele sokuthi unina wengane yakhe ubeyogubha usuku lwakhe lokuzalwa nabangani bakhe besifazane, owesilisa waseNkonjeni, oLundi, okuthiwa umgwaze wambulala, qede wazama ukuzibulala ngokuzigwaza. Ngokuthola kweLANGA, uNkz Angel Sibiya (39),...