
UMHLAZIYI wezepolitiki, uMnu Zakhele Ndlovu, ubona ingeke iphumelele imizamo kaMengameli weNFP, uMnu Ivan Barnes, yokuqhelisa leli qembu kuhulumeni wenhlanganisela waKwaZulu-Natal, uma lisaholwa nguNkz Mbali Shinga esiShaya-mthetho sakulesi sifundazwe.
NgoMgqibelo leli qembu libambe isigcawu sabezindaba lapho liveze khona ukuthi selisithathile isinqumo sokubamba umhlangano neMK Party, mayelana nekusasa lezepolitiki kulesi sifundazwe. Kulesi sigcawu ebesihanjelwe yisigungu esiphezulu saleli qembu, uBarnes uthe iMK Party yathola ukwesekwa okukhulu kulesi sifundazwe, ngakho kumele inikwe ithuba lokusiphatha.
I-MK Party isanda kufaka isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNdunankulu walesi sifundazwe, uMnu Thami Ntuli. UBarnes uthi ngenxa yokuthi nabo kabasabethembi ubuholi bukaNtuli, babone kungcono ukuvuma ukuhlangana neMK Party ukudingida ngekusasa lalesi sifundazwe.
Uthi beyisigungu esiphezulu baphinde bathatha isinqumo sokunqumela i-IFP ugwayi katiki ukushenxisa uNtuli kulesi sikhundla, ne-ANC ukushenxisa ongqongqoshe bayo ababili kulo hulumeni, okunguNkk Nomagugu Simelane-Mngadi wezeMpilo noMnu Sipho Hlomuka wezeMfundo.
UNdlovu uthe nakuba ekhuluma kanje uBarnes, kodwa inkulumo yakhe ifana neze uma uNkz Shinga – ophinde abe nguSihlalo waleli qembu esifundazweni – kusanguyena olimele esiShayamthetho.
“Ukukhishwa kukaNtuli kulele esiShayamthetho, kakukho emihlanganweni ezobanjwa esithe. Kusobala ukuthi uNkz Shinga akahambisani nokushiwo ngumengameli wakhe, futhi yena usakuthokozela ukuba kulo hulumeni njengoba enesikhundla sokuba nguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi,” kusho
uNdlovu.
Uthi iNFP mayiqale ilungise izinkinga zayo zangaphakathi ngaphambi kokubheka izinto eziseceleni ngoba lo mdonsiswano wabaholi bayo uzogcina uqhelisa nabalandeli bayo.
“Ukukhuluma kukaBarnes kanje, bese kwenzeka okunye, kuzogcina kumenza umuntu ozikhulumelayo, kuthi nabebemethemba bambheke ngenye indlela,” kusho uNdlovu.
Uthi nakuba iNFP ibukeka iwukhiye ngesihlalo sayo esisodwa, kodwa lokhu kungashintsha uma i-EFF enezihlalo ezimbili ingavuma ukubambisana ne-IFP, i-ANC neDA.
“Nezibalo esiShayamthetho ngeke zibavune njengoba sinezihlalo eziwu-80, kanti iMK Party ineziwu-37 kuphela, okungenza bangakwazi ukuthatha uhulumeni uma behlangene. Okungenzeka wukuthi kuhlakazwe isiShayamthetho bese kuba nokhetho oluyisipesheli,” kusho uNdlovu.
Kulesi siShayamthetho i-IFP inezihlalo eziwu-15, i-ANC ineziwu-14, iDA ineziwu-11 nesisodwa seNFP okwenza kwakhe-ke uhulumeni wenhlanganisela ngeziwu-41. I-EFF ineziwu-2.







