Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Indida kutholakala isalukazi nomzukulu beboshwe izandla, bebulewe emzini waso

Indida kutholakala isalukazi nomzukulu beboshwe izandla, bebulewe emzini waso

by | 21 November 2025

USASHAQEKILE umphakathi waseNkanjini, KwaHlabisa, kulandela isigameko sokutholakala kwesalulazi nomzukulu waso, beboshwe izandla, bebulelwe emzini waso.

Kubikwa ukuthi uNkz Philisiwe Mthabela (77) noMnu Bongumuzi Mthabela (30), batholwe ngamaphoyisa emzini wakhe benamanxeba okugwazwa emzimbeni ngoMsombuluko.

Ngokuthola kweLANGA, kuthiwa ukuze batholakale, kusize ilungu lomndeni elizinze eGoli, obese kuphele izinsuku lizama ukubashayela ucingo lingabatholi, labe selicela amaphoyisa akwaHlabisa ukuba ayobheka ukuthi kwenzekani. Kuthiwa amaphoyisa azithele phezu kwezidumbu zabo ziboshwe ngekhebuli.

Akucaci ukuthi ukubulawa kwalaba ngabe kuhlobene nani, kodwa zikhona izinsolo zokuthi bekubanjwa inkunzi.

“Umuntu oshaye ucingo uveze ukuthi useGoli ngokuhlala, wabe esecela amaphoyisa ukuthi aye kubo eNkanjini ngenxa yokuthi usenesikhathi engawatholi amalungu omndeni wakhe ocingweni. Amaphoyisa azithele kowesifazane osekhulule eboshwe izandla ngekhebuli, eceleni kwakhe kukhona owesilisa okuvele ukuthi ungumzukulu wakhe, naye eboshwe izandla belele phansi, benamanxeba okugwazwa emzimbeni,” kusho umthombo.

UMnu Nkumbulo Maphisa, oyikhansela kule ndawo, uthe lesi sigameko siwethusile umphakathi. Usole izidakamizwa njengoba ethi lesi si-gameko silama esinye esenzeke esikhathini esingaphansi kwenyanga. Uthi isimo isalukazi nomzukulu abatho-lwe bekusona, basola ukuthi bese benesikhathi bebulewe ngoba bese beqala ukonakala.

“Omunye womakhelwane uthi ubone izi-mbuzi zakhona zidla umbila, wamemeza kwaMthabela, kodwa wangabathola. Ube eseshayela umfana wakhona osebenza eGoli, emtshela ukuthi make abathinte ngoba akabatholi uma ebamemeza. Ubazamile ngocingo naye wangabathola, wabe eseshayela omunye womakhelwane ojwayele ukumsiza ngokumdumisela imoto esegalaji elisemzini wesaguga ukuba ayobheka.

“Naye ufike kukhiyiwe. Uma ubheka, uyabona ukuthi lena yinto eyenzeke kusakhanya ngoba ugogo ubesafake iphinifa, kubonakala ukuthi ubesanda kubuya ensimini. Ummese okusolwa ukuthi babulawe ngawo, bawushiye embhedeni, babe sebepequlula izimpahla endlini, esisola ukuthi bebebheka imali. Isikhwama sikagogo esincane esihlala imali besikhishelwe ngaphandle kuyena.

“Sisola ukuthi bayithathile imali abayificile kuyena. Konke okunye okusendlini okubalwa umabonakude nenye impahla kanye nemoto esegcekeni, akuthathwanga. Ibuhlungu into eyenzeka kule ndawo. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, omunye umfana wakhona lapha endaweni, uhlahlele uninakhulu ngocelemba,” esho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile isigameko. Uthi amaphoyisa akwaHlabisa aphenya amacala amabili okubulala.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...