Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kulindeleke sande esabafe kudilika ibhilidi eVerulam

Kulindeleke sande esabafe kudilika ibhilidi eVerulam

by | 14 December 2025

KULINDELEKE ukuba siqhubeke nokwanda isibalo sabantu abafe esibhicongweni sokuwa kwesakhiwo seThempeli elakhiwayo eRedCliff, eVerulam, ngoLwesihlanu.

Inkampani ezimele yonogada iReaction Unit South Africa ithi ibizwe endaweni yesigameko ngezikhathi zasemini lapho ifice khona kudilike lesi sakhiwo esiyizitezi ezine, esiwele phezu kwabantu abebesebenza kusona. Ukutakula kumisiwe izolo ngoMgqibelo, ngenxa yesimo sezulu esingesihle, njengoba kuze kwaqhutshekwa namuhla ngeSonto.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu esifundazweni uMnu Thulasizwe Buthelezi bebehambele kule ndawo ukuyohlola umonakalo, lapho befice abotakulo besakhipha isidumbu sesisulu sesihlanu.

“Umbiko engiwutholayo ngowokuthi izidumbu zokuqala ezine ngezabantu baseNingizimu Afrika. Lesi sesihlanu yima sisazohlonzwa uma sesikhishiwe. Izinhlekelele sekuyinto evamayo esifundazweni zethu, kodwa kulokhu okudabukisa kakhulu wukuthi senzeke endaweni yokukhonzela,” esho.

Uthe unethemba lokuthi uphenyo luzoveza ukuthi ngabe kube yingozi ngempela le noma kube nobudedengu njengoba kwakhiwa. Onjiniyela abasebenza laphaya, uthe kuzobhekwa ukuthi bawulungele yini umsebenzi wabo nokuthi bawenze ngendlela yini.

“Mhlawumbe leli yithuba lokuthi siphume umkhankaso wokubheka zonke izindlu nezakhiwo eziyizitezi esifundazweni, ukuthi ngabe zigunyaziwe yini ngonjiniyela. Asifisi ukuphinde sibone kwenzeka into efana nalena esikhathini esizayo,” kusho uNtuli.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...