
BEKUWUSUKU lwakhe lokugcina ngoLwesine, esebhentshini, uJudge Mbuyiseli Russel Madlanga (63), obeyiPhini likaMengameli wamaJaji, eNingizimu Afrika.
Izikhondlakhondla nosondonzima, emkhakheni wezoMthetho, bezikhona eConstitution Hill, eBraamfontein, zizothi ndlelanhle kuJudje Madlanga.
Ubesenkantolo yoMthethosisekelo, iminyaka ewu-12 njengeJaji, kanti waqopha umlando ngokuba yijaji elincane kunawo wonke eNingizimu Afrika. Waqokwa ukuba yijaji eneminyaka ewu-35, eseNkantolo eNkulu yamajaji eMthatha, e-Eastern Cape.
UJudge Madlanga, wathola iziqu zeB.Juris, iWalter Sisulu University, isabizwa nge University of Transkei. Wadlulela eRhodes University, wenza iLLB, wabuye wafundisa khona abafundi abenza unyaka wokuqala. Wathola umfundaze, wamusa e-United States of America, wagogoda kwezoMthetho. Ubuye eMelika waba nguMmeli wasemaJajjini, esebenza eMthatha naseGoli.
Umcimbini wokumvalelisa ngoLwesine, bekukhona nowayenguMengameli waseNingizimu Afrika, uMnu Thabo Mbeki.
UMengemeli wamaJaji, uJudge Mandisa Maya, uthe ziningi izinguquko ezilethwe yiJaji uMadlanga, selokhu afika eNkantolo eNkulu yezwe, eminyakeni ewu-12 asebe kuyona.
“Sisebenze kahle naleli qhawe, ebelizothobile kodwa likhaliphile. Umsebenzi ubewuthanda futhi, efuna kube nezinguquko ezibonakalayo. Ubekwazi ukuhlahla indlela futhi enolwazi olujulile kwezoMthetho. Uyibekile induku ebandla ngoba baningi abasafisa ukuhamba ezinyathelweni zakhe,” kusho uJudge Maya.
Nezinhlangano zabaMeli zimethulele isigqoko, uJudge Madlanga, zathi kuningi abakufunde kuyena futhi ubeyisibonelo esihle kwabaningi abakulo mkhakha.
UJudge Madlanga, owazalelwa esigodini saseNjijini, okungamakilomitha awu-12, usuka edolobheni iMount Frere, e-Eastern Cape, useqokwe nguMengameli uCyril Ramaphosa, ukuthi ahole iKhomishana ezobheka izinsolo ezenziwa nguKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt. Nhlanhla Mkhwanazi.
ULt. General Mkhwanazi, wabiza isithangami sabezindaba, ngomhlaka 6 kuNtulikazi (July), eThekwini, wathi kunosopolitiki okubalwa kubo uNgqongqoshe wamaPhoyisa, osamisiwe uMnu. Senzo Mchunu, wathi bagxambukela ekusebenzeni kwamaphoyisa.
Ngalo uLwesine, uMengameli uRamaphosa, umemezele uJudge Dunstan Mlambo, obenguMengameli wamaJaji, eNorth Gauteng, ukuthi nguyena ozongena esikhundleni sikaJudge Madlanga, abeyiPhini likaMengameli wamaJaji, eNingizimu Afrika.







