Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Bazoboshwa abagqugquzela udlame ezinkundleni zokuxhumana

Bazoboshwa abagqugquzela udlame ezinkundleni zokuxhumana

by | 25 June 2026

KUZOBOSHWA nabagqugquzela udlame ezinkundleni zokuxhumana ngokhukhulela ngoqo wemashi ezoba ngoJune 30 ngenhloso yokugqugquzela ukuthi kuphindiselwe emakubo abokufika abaseNingizimu ngokungemthetho.

Lokhu kuvezwe wuNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli ngesikhathi ethula inkulumo kwingqungquthela ngabakuleli abangenamaphepha, ebiseCoaslands Hotel, izolo.

Undunankulu uthe imashi yangomhlaka 30 June ehlelwe ngabeMarch and March, uyayeseka futhi abayiholayo bamchazelile ukuthi kuzobe kungeyokuthula ingenadlame.

“Indlela abangichazele ngayo abaholi bemashi asibanga khona isizathu sokuthi ngiyingabaze noma ngingayeseki. Njengohulumeni wakwaZulu-Natal, sithi abahambe abokufika abakuleli bengenamaphepha. Njengoba sisho nesiqubulo sethu sithi “Engangeni ngesango iyafohla.” Njengoba kuzoba nemashi asikulindele ukuthi kubekhona abantu abazogqugquzela udlame. Sizobe sikugadile lokho ngisho nabagqugquzela udlame ezinkundleni zokuxhumana sizobabopha.”

“Konke esikwenzayo asikwenze ngokuthula sihambisane nomthetho. Kukhona konke esikwenzayo siphinde sigade indaba yobudlelwano nabantu bangaphandle. Asizimisele ngokuthi kuphinde okwasenza ngo-2021 kugcine sekuluthwa amabhizinisi. Siyezwa nabesifazane bakhala ngokuthi bangoyise bezingane zabo abanye babo abakuleli ngokungemthetho, kumele sikubheke nalokho,” kusho undunankulu.

Uthe osomathuba abazobhebhezela ubugebengu besebenzisa umkhankaso wokuphindiselwa kwabokufika emakhaya bazobe bebabheke ngeso lokhozi.

Ukhale nangosomabhizinisi abaqasha abokufika abangenamaphepha.

UMqondisi oMkhulu eMnyangweni wezaseKhaya, uMnu Sihle Mthiyane, uthe baningi kakhulu abantu abangena kuleli ngokungemthetho.

“Uma sebengaphakathi ezweni abanye basebenzisa imishado ukuthi babe kuleli ngokusemthethweni. Sinxusa abafundisi abashadisa abantu ukuthi bakuqinisekise ukuthi bashadisa abantu abakuleli ngokomthetho ngokuthi baxhumane noMnyango wezaseKhaya. Le yemishado iyona esetshenziswa kakhulu, othi uma usulandela, uthole ukuthi labo bantu okuthiwa bashadile abahlali ngisho ndawonye,” esho.

Kuvele ukuthi kusuka ngo-2008 kuya ku-2021, bangu-1.2 million abantu bangaphandle abafaka izicelo zokuthi babe kuleli ngokusemthethweni. Kulabo bantu kuthiwa bangu-90 000, ezamukelwa izicelo zabo. Abanye banqatshwa kodwa baqhubeka bahlala kuleli bemi ngokuthi basafake izicelo zokubuyekezwa kwezicelo zabo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...