Ilanga News
Home 9 Featured 9 Lidingidwa namuhla nakusasa ikusasa lemeya yaseGoli

Lidingidwa namuhla nakusasa ikusasa lemeya yaseGoli

by | 25 June 2025


KULINDELWE ukuba kuqalwe namuhla ukudidingwa ngekusasa leMeya yaseGoli uMnu Dada Morero njengoba iDA ifake isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe.


Kulesi sicelo iDA ifuna ukuba umkhandlu uchithe ngevoti uMoraro (we-ANC), uNkz Nobuhle Mthembu (we-Action SA) onguSomlomo, noMnu Sthembiso Zungu (we-ANC) onguSotswebhu.


I-DA ikhala ngokuwohloka kwaleli dolobha elikhulukazi eNingizimu Afrika, ithi ubuholi obukhona kabubonakali busemgqeni sokusombulula le nkinga. Kwenzeka lokhu nje, uNkk Hellen Zille, yiFederal Chairperson yaleli qembu, usephumele obala ngokuthi uzolungenela ukhetho lokuhola lo masipala.


UMorero uthi lesi siphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe ngelinye lamaqhinga eDA ayingxenye yomkhakhaso wayo wokhetho lohulumeni basekhaya lwangonyaka ozayo. Uthe uneqholo lokuthi ngeke liphumelele.


“Yebo ziningi izinselelo esibhekene nazo njengomasipala okubalwa kuzona nezengqalasizinda, kodwa isabelomali sethu sigxile ekubhekaneni ngqo nalezi zinselelo,” kusho uMOrero.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...