Ilanga News
Home 9 Featured 9 Lidingidwa namuhla nakusasa ikusasa lemeya yaseGoli

Lidingidwa namuhla nakusasa ikusasa lemeya yaseGoli

by | 25 June 2025


KULINDELWE ukuba kuqalwe namuhla ukudidingwa ngekusasa leMeya yaseGoli uMnu Dada Morero njengoba iDA ifake isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe.


Kulesi sicelo iDA ifuna ukuba umkhandlu uchithe ngevoti uMoraro (we-ANC), uNkz Nobuhle Mthembu (we-Action SA) onguSomlomo, noMnu Sthembiso Zungu (we-ANC) onguSotswebhu.


I-DA ikhala ngokuwohloka kwaleli dolobha elikhulukazi eNingizimu Afrika, ithi ubuholi obukhona kabubonakali busemgqeni sokusombulula le nkinga. Kwenzeka lokhu nje, uNkk Hellen Zille, yiFederal Chairperson yaleli qembu, usephumele obala ngokuthi uzolungenela ukhetho lokuhola lo masipala.


UMorero uthi lesi siphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe ngelinye lamaqhinga eDA ayingxenye yomkhakhaso wayo wokhetho lohulumeni basekhaya lwangonyaka ozayo. Uthe uneqholo lokuthi ngeke liphumelele.


“Yebo ziningi izinselelo esibhekene nazo njengomasipala okubalwa kuzona nezengqalasizinda, kodwa isabelomali sethu sigxile ekubhekaneni ngqo nalezi zinselelo,” kusho uMOrero.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...