
KUMANGALE abaningi umphenyi wecala lokugqugquzela udlame nezibhelu zango-2021, elibhekene noNkk Duduzile Zuma-Sambudla, evuma ukuthi bengamaphoyisa abanayo into ephathekayo eqinisekisa ukuthi ummangalelwa unecala, kodwa uyakholwa ukuthi unalo.
Lokhu kuvele eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngesikhathi ummeli kaNkk Zuma-Sambudla, u-Adv Dali Mpofu epheka ngemibuzo umphenyi uColonel Bheki Nazo. UColonel Nazo unguCommander oPhikweni lwamaPhoyisa aphenya amacala ahleliwe kwaZulu-Natal.
Ngesikhathi ephekwa ngemibuzo uColonel Nazo, eminye ubethi ngeke akwazi ukuyiphendula. U-Adv Mpofu ubefuna ukwazi ukuthi ikhona yini into ami ngayo amaphoyisa eqinisekisa icala elibhekene noNkk Zuma-Sambudla. Lokhu kungenxa yokuthi ebufakazini obedlule kuvele ukuthi kwenziwa uphenyo kumakhalekhukhwini kaNkk Zuma-Sambudla ukuthi wayengaxhumani yini neqembu elaboshelwa ukucekela phansi impahla, kuntshontshwa nasezitolo ngesikhathi sezibhelu zango-2021.
Kwaphinde kwahlolwa ne-account yakhe yasebhange ukuthi abekho yini ababekhokhelwa ukuqhuba umbhikisho. Kulolo phenyo kuvele ukuthi akakaze axhumane namuntu, kubona kanjalo ayikho nemali ayikhokhela omunye wabo. UNazo ungena ebhokisini nje sekuke kwafakaza uJenene Gopaul Govender woKlebe, nokunguyena ongumdidiyeli ekuphenyweni kwamacala ezibhelu zango-2021.
Naye ebufakazini bakhe uveze ukuthi uNkz Zuma-Sambudla wayengekho eqoqweni likaWhatsApp lababegqugquzela ukucekelwa phansi kwempahla kuntshontshwa nasezitolo, kodwa wayesebenzisa iTwitter ukugquguqzela udlame. Amagama okumiwe ngawo ukuthi yiwona ayegqugquzela udlame ngathi “Ngiyakubona” “I see you,” okuyinto ayelokhu eyisho kuTwitter uNkz Zuma-Sambudla uma ebona kukhona ophumela obala ngokuthi akahambisani nokuboshwa kowayenguMengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma. UMpofu uthe lamagama watolikwa ngendlela okuyiyo. Uthe ngesiZulu esiqondile lokhu kuyindlela yokubingelela.
Okuphinde kwashiya imibuzo wukuthi kungani uColonel Nazo njengomphenyi wecala athatha isitatimende sikaNkz Sarah-Jane Trent, ongomunye wabamangali ngamacala ezibhelu. UMpofu ubefuna ukwazi ukuthi kungani uNazo asukumela isitatimende sikaNkz Trent esasibhekiswe kuNkz Zuma-Sambudla kuphela, ekubeni bekhona nabanye ababethinteka ngamacala ezibhelu. Okunye uMpofu akhale ngakho ngoNkz Trent wukuthi kungani esitatimendeni sakhe aqhakambise ukuthi uNkz Duduzile Zuma-Sambudla uyindodakazi kaMnu Jacob Zuma ongumngani kaMnu Atul Gupta. Lokho uthe akaqondi bekubaluleke ngani.
UColonel Nazo uphinde wamangazwa wukuthi uNkz Trent wayesebenzela uPaul O’Sullivan owayenza ucwaningo ngezibhelu. Uthe wayengazi ukuthi wayesebenzela yena.
Ukungena ebhokisini kukaColonel Nazo noJenene Govender bekuphoqwe ngu-Adv Mpofu njengoba umbuso ubusufuna ukuphothula icala bengangenanga. UMpofu ubuze ukuthi kungani kuyekwe amaphoyisa okuyiwona avula icala. Ngesikhathi epheka uNazo ngemibuzo, uthe umbuso ububalekela ukufaka yena ebhokisini ngoba ububona ukuthi ubufakazi bakhe buvuna uNkz Zuma-Sambudla.
Icala liyaqhubeka kusasa.






