
UPHENYANE (pink eye), yisifo esiwubuhlungu obuzwa emehlweni. Kuyansonsotha, kubesengathi uthelwe ngenhlabathi emehlweni. Uma amehlo esensonsotha, kuba sengathi ungawacikica.
Amehlo, aphenduka abe bomvu, akhiqize izimbici, futhi akhathale. Uphenyane, ludalwa yigciwane elinamandla elihlasela ugwengwezi (membrane) lwamehlo, olubizwa ngeConjunctiva. Lolu ngwengwezi, luyazwela.
OKUNYE OKUFANELE UKWAZI NGOPHENYANE
Umuntu onalesi sifo (sophenyane), akufanele ahlale nabanye abantu. Akaqhele kude kubantu, ngoba uphenyane, luyathelelana. Uma umuntu onophenyane eseduze, igciwane leli liyagxuma, lihlale esweni lakho wena muntu ongenalo. Lelo gcinwane, liyagxuma futhi lihlale kweli-nye iso, ngoba uma selingenile esweni, iso uya-licikica, kanti ngalokho uyalisabalalisa igciwane.Â
• Ukugqokelana izibuko zelanga, kanti nokugqoka izibuko zomuntu owake waba naso lesi sifo, kuyasidala.
• Uphenyane, luke lunyamalale iminyaka emithathu kuya kwemihlanu, uma selubuya luya-bhubhisa, luphathe inqwaba yabantu.
• Kwabanye abantu, uma uphenyane selwake kwabaphatha, aluphinde lubuye kubo.
• Ungacikici amehlo, ngezandla uma unophe-nyane ngoba lokho kusabalalisa igcinwane.
• Uma amehlo ensonsotha, sebenzisa imithi onikwe yona emtholampilo, noma kwadokotela, wesule emehlo ngendwangu, noma ngethawula elimanzi.
• Intuthu namakhemikhali ayingozi, kungaba yimbangela yophenyane.
• Uma uhlaselwe wuphenyane, ngeke ukwazi ukubheka ilanga.
• Uphenyane lwelashwa nge-antibiotic eye drops, namaphilisi akhona okulwa namagcinwane emzimbeni.
• Uma welashelwa lesi sifo, hlala kini, amahora awu-36 kuya kwawu-40.
• Abanye abantu belashelwa uphenyane, izi-nsuku ezilinganiselwa ku-7.
• Uma unophenyane, faka izibuko zelanga, ukuze ungatheleli abanye abantu.
• Ulwazi lucashunwe kwabe: Medi Clinic Jourrnal







