Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo Featured 9 Liphethwe ‘wuhlanya’ izembe oSuthwini

Liphethwe ‘wuhlanya’ izembe oSuthwini

by | 19 June 2025

NGUTHEMBELA Sikhakhana okuvela ukuthi uchithwe ngamaZulu FC.


LISALOKHU liqhubekile nokugadla izembe kubadlali bamaZulu FC azimisele ngokwenza kahle ngesizini ezayo ka-2025/26.

ILANGA lithole ukuthi ngeledlule le kilabhu ichithe uThembela Sikhakhane, uBoniface Haba, uMbongeni Gumede, uVeli Mothwa, uRowan Human noWayde Jooste njengoba sekuvela ukuthi izembe seligadle naku-Augustine Mulenga, ku-Andile Mbanjwa, uKwanda Mngonyama noSandile Khumalo obebolekwe iBlack Leopards.

Kuthiwa abanye abafakwa amasondo ngu-Abbubaker Mobara nguSikhulile Manyoni noMsindisi Kunene. Umthombo ongaphakathi oSuthwini, uthi abaphathi nabaqeqeshi bazimisele ngokwakha inqanawe ezobhubhisa ngesizini ezayo.

Kuzokhumbuleka ukuthi le kilabhu izokuba yingxenye yamakilabhu azogijima iMTN8 ngesizini ezayo njengoba isonge isizini iwunombolo-6, okujabulise abaphathi bayo.

Umthombo uthe: “Abaphathi boSuthu bafuna ukwakha kabusha ikilabhu, bakhala ngokuthi iningi labadlali ebelikhona seliphelelwe wushatini kunobhutshuzwayo.

“Phela kawukwazi ukufaka imali ekilabhini eyakhiwe ngabadlali asebekhulile, kuyadingeka ukuthi kube khona nabasakhula, abavuthayo, abangabuye badayiseke. U-Arthur Zwane opheka uSuthu ufuna abadlali abasalambele ukuzakhela igama ebholeni.

“Uyakholelwa kakhulu kubadlali abasakhula futhi abadabuka kulesi sifundazwe.”

Kuthiwa uZwane uthi amakilabhu amakhulu (akuleli) agabe ngabadlali baKwaZulu-Natal, okukhona kubona uNkosinathi Sibisi, uMbekezeli Mbokazi, uBandile Shandu noThalente Mbatha abadlala kwi-Orlando Pirates; iSuperSport United inoSiphesihle Ndlovu noRicardo Goss ongunozinti kanti iKaizer Chiefs idlal ngoThabo Cele noSibongiseni “Ox” Mthethwa.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...