Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo Featured 9 Liphethwe ‘wuhlanya’ izembe oSuthwini

Liphethwe ‘wuhlanya’ izembe oSuthwini

by | 19 June 2025

NGUTHEMBELA Sikhakhana okuvela ukuthi uchithwe ngamaZulu FC.


LISALOKHU liqhubekile nokugadla izembe kubadlali bamaZulu FC azimisele ngokwenza kahle ngesizini ezayo ka-2025/26.

ILANGA lithole ukuthi ngeledlule le kilabhu ichithe uThembela Sikhakhane, uBoniface Haba, uMbongeni Gumede, uVeli Mothwa, uRowan Human noWayde Jooste njengoba sekuvela ukuthi izembe seligadle naku-Augustine Mulenga, ku-Andile Mbanjwa, uKwanda Mngonyama noSandile Khumalo obebolekwe iBlack Leopards.

Kuthiwa abanye abafakwa amasondo ngu-Abbubaker Mobara nguSikhulile Manyoni noMsindisi Kunene. Umthombo ongaphakathi oSuthwini, uthi abaphathi nabaqeqeshi bazimisele ngokwakha inqanawe ezobhubhisa ngesizini ezayo.

Kuzokhumbuleka ukuthi le kilabhu izokuba yingxenye yamakilabhu azogijima iMTN8 ngesizini ezayo njengoba isonge isizini iwunombolo-6, okujabulise abaphathi bayo.

Umthombo uthe: “Abaphathi boSuthu bafuna ukwakha kabusha ikilabhu, bakhala ngokuthi iningi labadlali ebelikhona seliphelelwe wushatini kunobhutshuzwayo.

“Phela kawukwazi ukufaka imali ekilabhini eyakhiwe ngabadlali asebekhulile, kuyadingeka ukuthi kube khona nabasakhula, abavuthayo, abangabuye badayiseke. U-Arthur Zwane opheka uSuthu ufuna abadlali abasalambele ukuzakhela igama ebholeni.

“Uyakholelwa kakhulu kubadlali abasakhula futhi abadabuka kulesi sifundazwe.”

Kuthiwa uZwane uthi amakilabhu amakhulu (akuleli) agabe ngabadlali baKwaZulu-Natal, okukhona kubona uNkosinathi Sibisi, uMbekezeli Mbokazi, uBandile Shandu noThalente Mbatha abadlala kwi-Orlando Pirates; iSuperSport United inoSiphesihle Ndlovu noRicardo Goss ongunozinti kanti iKaizer Chiefs idlal ngoThabo Cele noSibongiseni “Ox” Mthethwa.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...