Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Lizophothulwa ngegiya eliphezulu iPhasika eThekwini

Lizophothulwa ngegiya eliphezulu iPhasika eThekwini

by | 17 April 2025

IZOPHOTHULWA ngomcimbi wokujabulisa umndeni okuzobe kushiyelana inkundla abaculi be-gospel impelasonto yePhasika ozobanjelwa eSunkist Lwans eNorth Beach ngoMsombuluko mhla ka-21 kwephezulu.

Lo mcimbi obizwa ngeGospel in the Park Family Day kuboshelwe abaculi okubalwa kubo u-Andile KaMajola, Ayanda Ntanzi, Melusi Mbokazi, Babo Ngcobo, Sneziey nabanye. Kulindeleke ukuthi uhehe abantu abahlukene abanye babo abazobe behambisana nemindeni yabo ukuzophothula le mpelasonto yendumiso.

Ngaphandle kwalaba baculi kuzobe kunandise uDJ Happygal ozobe eklwebha amapuleti ethokozisa abantu abazotheleka kulo mcimbi ozobe ugabe ngobumnandi.

Umphathi wohlelo kuzobe kuwuChurchboy owaziwayo ngamahlaya anenkosi phakthi noMthoko Ndlovu.

UMhleli walo mcimbi uMpume Msomi uthe konke okuphathelene nokuzithokozisa kwabantu abazobe behambele lo mcimbi kuhleliwe njengoba namathikithi edayiswa ngenani eliphansi kakhulu.

Amathikithi alo mcimbi abiza R50 ithikithi elilodwa kanti awamalungu omndeni ayisithupha athola inani eliyisipesheli ngokukhokha R200 bebonke.

Kulabo abafisa ukungena noCoolerbox bazobe bevumelekile njengoba bezokhokhiswa R100 ukuze bakwazi ukungena nezidlo zabo. Amathikithi alo mcimbi aseqalile ukutholakala eTicketpro noma ezitolo zakwaSpar.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...