Ilanga News
Home 9 Featured 9 UMkhwanazi uveze eyecala alivulele ‘ababephazamisa uphenyo’

UMkhwanazi uveze eyecala alivulele ‘ababephazamisa uphenyo’

by | 9 October 2025

USHAQISE amalungu ekomidi lePhalamende eliphenya ngokugxambukela kwepolitiki engalweni yomthetho uMkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi, edalula indaba yecala athi ulivulele bonke abathinteka ekuphazamiseni uphenyo lwakhe ngokwenzeka emaphoyiseni.

UMkhwanazi ubevele phambi kwe-Ad Hoc ngoLwesibili nangoLwesithathu lapho ethule khona ubufakazi. Utshele leli komidi ukuthi nakuba engeke ande kabanzi ngaleli cala, kodwa ujabule ngendlela abaphenyi abalilandela ngayo futhi unethemba lokuthi maduzane kuzoba khona ababoshwayo.

Uthe leli cala limayelana nokuphazamisa ukusebenza kwamaphoyisa kanti uMkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke uGen Fannie Masemola, ungufakazi oqavile kulona. UMkhwanazi uqhubekile nokusola uNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe uMnu Senzo Mchunu njengowenza okuphambene nomthetho ngokuzama ukuhlakaza ithimba lamaphoyisa eliphenya ngokubulala okuhlobene nepolitiki.

NgoLwesibili uqale ukwethula ubufakazi eholwa ngummeli osemnkantshubomvu uMnu Norman Arendse, kwathi izolo ngoLwesithathu, amalungu aleli komidi amele amaqembu ahlukene sampheka ngemibuzo ngobufakazi bakhe.

Ngesikhathi ethula ubufakazi uMkhwanazi wenze iziphakamiso zokuthi kubuyekezwe eminye imithetho yokusebenza kwamaphoyisa. Uthe usola ukuthi “ukuhlakazwa” kophiko oluphenya ngokubulala okuhlobene nepolitiki, kwaba wukugxambukela kwabathile.

Uphinde wasola ubudlelwano bukaMchunu noMnu Brown Mogotsi njengobabungekho qotho. Usole uMogotsi ngokuba nenkohlakalo nokugxambukela ekusebenzeni kwamaphoyisa, ngenxa yolwazi oluyimfihlo yangaphakathi emaphoyiseni ayenalo.

UMkhwanazi ukhale nangophiko lobunhloli athi kuningi ukugxambukela kwabathile kulona njengoba kunezimfihlo zombuso ezigcina zikapakela emphakathini.

“Kuyamangaza ukuthi kunabaholi abafungayo ukuthi bazogcina izimfihlo zombuso, kodwa kugcine kuyibona abazisabalalisayo, besebenzisana nabezindaba ukubhadlaza lokhu okungamele kube semphakathini,” kusho uMkhwanazi.

Uthe amandla amaningi ngokusebenza kwamaphoyisa alele kumuntu oyedwa, ongumkhuzi wamaphoyisa ezweni lonke.
Uthi ezinye zezinkinga zidalwa yikhona lokhu. Uphakamise ukuba ikomidi noma iPhalamende likubhekisise lokhu, kubuyekezwe.

UMkhwanazi ukhale nangamalungelo aqhakambisa kakhulu labo ababoshiwe kunalabo abangaphandle.

“Uhulumeni unikeza abantu bakuleli abangasebenzi imali elinganiselwa ku-R350 ngenyanga, kodwa usebenzisa imali engango-R500 ngesiboshwa ngasinye ngosuku.

“Isiboshwa sithola ukuhlala endaweni enamanzi, ugesi nezempilo zamahhala futhi sithole nemfundo yamahhala. Ngezinye zezinto lezi okumele njengabashayi bomthetho nizibhekisise,” esho.

UMkhwanazi ukuvezile kuleli komidi ukuthi ikhona imizamo ayenza ukubika ngala mahlazo ayenzeka emaphoyiseni, kodwa kwangenzeka lutho, okuyilapho athatha khona isinqumo sokubiza isithangami sabezindaba. Namhlanje ngoLwesine nguJenene uMasemola owethula obakhe ubufakazi phambi kwalo leli komidi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...