Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Bathi ncinci kaMjoli ngenkontileka kaMkhwanazi

Bathi ncinci kaMjoli ngenkontileka kaMkhwanazi

by | 31 March 2026

ZISAMUKELE ngo-elethu izinhlaka ezilwa nobugebengu emphakathini, isinqumo sokuvuselelwa kwenkontileka yoMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi. Lokhu kuvele engxoxweni noSihlalo weNeighbourhood Watch, esifundeni iTheku, uMnu Andile Jali, oveze ukuthi lokhu bakujabulele kakhulu ngenxa yomehluko abawubonayo owenziwa nguMkhwanazi. 

Lokhu kuza ngemuva kokuba kule mpelasonto, kuqinisekisiwe ukuthi uMkhwanazi usenikwe ihlandla lesibili ngemuva kwezingxoxo phakathi kobuholi bamaphoyisa kuzwelonke noNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli. 

UJali uncome iqhaza elibanjwe nguMkhwanazi ekuqinisekiseni ukuthi ubhekana ngqo nobugebengu KwaZulu-Natal, ikakhulukazi eNanda. Uphinde wamncoma nangokukhuculula ngaphakathi emaphoyiseni “ngoba akhona amazambane abolile” enza kube nzima ukusebenza.

“Uma ubheka eminyakeni eyedlule, mkhulu umsebenzi asewenzile ukulwa nobugebengu. Eqinisweni nje, iningi lamaphoyisa belinakho ukuhudula izinyawo uma kuza ekulweni nobugebengu, obekwenza imiphakathi yethu ithwale kanzima. Ukufika kukaMkhwanazi, kwenze asukuma, azimisela ngokweqile. 

“Okubuhlungu wukuthi ezinye zalezi zigebengu kazifuni ukubo- shwa, okuphetha ngokuthi zidu-bule amaphoyisa,” esho. 

Ubonge ukungenelela kukaMkhwanazi ekubulaweni kwamalungu ezinhlaka ezilwa nobugebengu emiphakathini, wathi uya bonakala umehluko, njengoba sezehlile izigameko ezinjalo. 

Ekhuluma embizweni yomphakathi obekuyobhungwa kuyo ngezindlela zokulwa nobugebengu, ebiseCaluza Sports Ground, eMgungundlovu, ngoMgqibelo, uNtuli uthe ukuqhubeka kukaMkhwanazi esikhundleni sakhe, kusho ukuqhubeka kozinzo embuthweni wamaphoyisa esifundazweni. 

Bese kunesikhashana uNtuli ethi malusheshe lulungiswe udaba lwenkontileka kaMkhwanazi, ukuze kugwemeke ukuphazamiseka oku ngaba khona, njengoba endala ibiphela kusasa ngoLwesibili. 

“Ukuba khona kozinzo ezingeni lobuholi emaphoyiseni, kwenza sikwazi ukuqhubeka ngegiya esihamba ngalo ekuqinisekiseni ukuphepha kwemiphakathi yethu.” kusho uNtuli. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...