Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuphela iminyaka ewu-36 kwakhululwa uDkt Nelson Mandela

Kuphela iminyaka ewu-36 kwakhululwa uDkt Nelson Mandela

by | 11 February 2026

KWAKUYISONTO ngomhlaka 11 kuNhlolanja (February) wango 1990, ngesikhathi uDkt Nelson Mandela, ekhululwa ejele laseVictor Vester, eWestern Cape. Umhlaba wonke wawuchwaza, abantu bethe njo komabonakude, bengakholwa ababekubona ngamehlo abo. Kwasekuphela iminyaka ewu-27, uMadiba engekho phakathi kwezinkumbi ayezilwela ukuthi zikhululwe engcindezlweni yobandlululo.


Ezitaladini zasenkabeni yedolobha iJohannesbrug, abantu babegijima bekhuza iziqubulo beth “ANC! ANC! ANC! “. UMadiba, wethula inkulumo yekhe yokuqala ekhululiwe ezitebhisini zase Cape Town City Hall, eMnu Cyril Ramaphosa, nguyena owayemubambele umbhobho. UUDkt Nelson Mnadela, wayeneminyaka engu 72 ngalowo nyaka, emude. Enkulumeni yakhe, wabonga amazwe omhlaba abekhankasela ukuthi akhululwe, wabonga abantu baseNingizumi Afrika, neRelease Mandela Commitee, ngokumeseka nokufaka ingcindezi uhulumeni wobandlululo ukuthi umkhiphe ejele.
‘Impilo yami kuleminyaka esele, engisazoyiphila, isezandleni zenu,” kusho uMadiba.


Ubengu mengameli wokuqala weNingizimu Afrika ekhululekile ngo-1994, wathatha umhlalaphansi ngo-1999. Ngo-1998 ushadelwe nguDkt Graca Machel, umfelokazi kaMengemeli waseMozambique, uMnu Samora Machel. Udlule emhlabeni ngomhlaka ka-5 kuZibandela (December) ngo-2013. I-ANC KwaZulu-Natal izokhumbula uMadiba namhlanje (ngoLwesithathuu) oHlange High School, lapho uMadiba avota khona okokuqala empilweni yakhe ngo-1994. Waqeda ukuvota waya edlinzeni likaMafukuzela, uMfu. John Langalibalele Dube wathi “Mengameli bengizokubikela ukuthi ekugcineni iNingizimu Afrika, isikhululekile.”
menzi.jele@ilanagnews.co.za.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...