Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Okamaskandi uzwakalise indumalo “ngesenzo” seGcokama

Okamaskandi uzwakalise indumalo “ngesenzo” seGcokama

by | 3 November 2024

MTHOBISI SITHOLE

UFUNDE lukhulu ngokuwa emculweni umculi kamaskandi uZanefa Ngidi (osesithombeni).Lokho kumenze washintsha uhlelo lwezindlela zokukhipha umculo wakhe. 

 Lo mculi utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi ukuwa kwakhe isikhathi eside kwezomculo, kumvule umqondo, washintsha ukwenza. Uthi uthwale kanzima waze wabuyela ekugibeleni amatekisi ngenxa yokushayeka kwezomculo. 

Uthi njengamanje njengoba abantu bekhombisa ukuthakasela izingoma zakhe ezintsha, lokho kumenza abuyelwe yithemba ngomculo wakhe. “Ngibonga ukuthi abantu banginikile ithuba lesibili emculweni. Bekunzima kakhulu kungasayeki phambili, kodwa sengivulekile amehlo futhi kuyangisebenzela engikwenzayo nje-ngamanje,” kusho uZanefa.

Uthi uyiqophile i-albhamu yalo nyaka, kodwa uzoyidedela ngonyaka ozayo phakathi kukaFebruary) noMarch). Kulo nyaka ukhiphe izingoma ezimbalwa okubalwa kuzona ethi, “Isitulo Sasemcimbini”, “Isigora”, “Funda Mntanami” nethi, “X-yami”. Zonke lezi zingoma uzikhiphe ngezinyanga ezahlukene. “Le ndlela yokukhipha iyangisebenzela kakhulu futhi sengizogxila kakhulu kuyona,” esho.

Uthi usenqume nokungagxili kushuni kaBhekumuzi Luthuli (ongasekho). Uthi usezowuxuba ngendlela yakhe lo shuni, asebenzise isitayela sesima-njemanje azofika naso.

Ebuzwa ngengoma ethi, “X-Yami” enezinsimbi ezifana nezekhishwe yiGcokama Elisha, ethi “IGucci”, uthe le ngoma uyiqophe kuqala estudiyo, wadumala uma iGcokama selidlala izinsimbi zengoma yakhe emcimbini weDundee July, zezwakala zifana nezengoma yakhe engakayikhiphi.

mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...