Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Ubophele izinkakha zikamabonakude ozovala esoMkhokha

Ubophele izinkakha zikamabonakude ozovala esoMkhokha

by | 11 February 2025

NGUMLINGISI uBonko Khoza. ISITHOMBE NGABE: Nounouche

UKUMENYEZELWA komdlalo omusha iThonga kuqinisekise ukuphela komdlalo owuchungechunge Umkhokha obusuphenduke intandokazi kubabukeli phakathi nezinsuku seligamenxe ihora lesi-8.

AbakaMultichoice okuyinkampani eyengamele isiteshi sikamabonakude uMzansi Magic bamemezele ukuthi lo mdlalo omusha iThonga uyaqala ukukhonjiswa ngomhlaka-3 kuNdasa (March) okucacisa ukuthi Umkhokha uyagcina ukubonakala ekupheleni kwale nyanga.

ILANGA like labika ngonyaka owedlule ngokuphela koMkhokha njengoba abadidiyeli balo mdlalo bahluleka wukuphumela obala ukuqinisekisa ukuphela kwawo. Leli phephandaba labe lihabule ngemithombo yalo ukuthi nakuba lo mdlalo uke waba yintandokazi kubabukeli kodwa ubusuhluleka wukudonsa ababukeli njengoba izinombolo zawo bese zehlule nokuyisona sizathu esenze abakwaMultichoice bathatha isinqumo sokuwuhoxisa. Phambilini bakuqinisekisa ukuphela koMkhokha kodwa bakuchitha ukuthi imbangela wukwehla kwezinombolo zababukeli.

Umdlalo iThonga ubophele ubuso obujwayelekile kumabonakude njengoba umayelana nothando nobudlelwane obungahlukaniseki bamawele. Isikhulu esiphezulu sakwaMultichoice uShirley Adonisi sichaze lo mdlalo njengozoveza ibanga elingahanjwa ngabandawonye ukuvikelana kunoma yiziphi izimo. Uthe uzophinde uqhakambise usiko nokuhlangana kwemindeni ezimweni ezinzima. UBonko Khoza wodumo lomdlalo kamabonakude iThe Wife, nguyena ozodlala indawo yokuba yila mawele uSanele noBanele.

Ekhuluma ngokudlala lezi zindawo eyedwa uthe kube yisipiliyoni angasoze asilibala. Uthe akasakwazi ukulinda ukuze abone ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bazowamukela kanjani lo mdlalo awuchaze njengothinta usiko lakwaZulu.

“Okungichaza ngalo mdlalo wukuthi uza nokuhlukile kumabonakude futhi nginesiqiniseko sokuthi ababukeli nakanjani bazowuthokozela,” esho. Phakathi kwabalingisi abazobonakala kulo mdlalo kubalwa u-Ayanda Borotho oseke wabonakala emidlalweni okubalwa kuyo Isibaya neSibongile And The Dlamini’s, Nelisiwe Sibiya oke wabonakala emidlalweni okubalwa kuyo Umkhokha neDurban Gen, Noluthando Ngema, Siphosethu Mabaso nabanye.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...