
IBINGANCETHEZI futhi iwamela amalungelo ayo inkakha yomlingisi uDon Mlangeni Nawa (65) odlule emhlabeni izolo ngoLwesithathu ekuseni. UBra Don njengoba ozakwabo bebemteketisa kanjalo ungomunye wabalingisi abayibekile induku ebandla kulo mkhakha, udlale emidlalweni eyahlukene okubalwa kuyo iSgudi’Snayis, Hlala Kwabafileyo, Ubambo Lwami, Isidingo, Uzalo neminye.
Ngemuva kokusabalala kwezindaba zokudlula kwakhe emhlabeni, izinkundla zokuxhumana beziphithizela abanye bemfisela ukuphumula ngokuthula abanye bekhumbula izindawo adlale kuzona njengoba ebengomunye wabalingisi abaqavile kumabonakude. Omunye umdlalo azakhela udumo ngawo ngothi Hlala Kwabafileyo edlala nabalingisi abamnkantshubomvu abanye babo abangasekho emhlabeni. Omunye wabalingisi owalingisa noBra Don kulo mdlalo, uTshepo Nzimande owabe edlala indawo kaZuz’muzi.
Ekhuluma neLANGA uNzimande osaphuma kwezokulungisa wangena emculweni nasemabhizinisini okungcwaba, uthe zimshaqisile izindaba zokudlula kukaBra Don njengoba ebesanda kukhuluma ngaye nomunye wabalingisi. “UBra Don ubekhulile kunami, ngaba nenhlanhla ukuthi ngingena kulo mkhakha ngifikele ezandleni zakhe. Engingakusho ngaye wukuthi ubewujitha futhi ekwazi ukusebenzisana nawo wonke umuntu,” kuchaza uNzimande.
Uthe ngeke amkhohlwe yena noDaphney Hlomuka ngokubuyisa kulo mdlalo sekuphelile ngendawo yakhe kwiHlala Kwabafileyo. “Ngiyakhumbula kwasekuphelile ngoZuzmuzi kodwa kwaba nguBra Don noMam Dephney abangibuyisa kulo mdlalo sengidlala indawo kaMzwakhe,” kuchaza uNzimande oveze ukuthi ubudlelwano bakhe noBra Don baqhubeka noma esephumile kulo mkhakha. “Besixhumana noma besingabonani njalo kodwa lapho sihlangana khona bekuba mnandi sikhumbuzane ezamzukwana,” esho.
Uthi into ayifunda ngoBra Don wukuthi ubengancethezi futhi ekwazi ukumela amalungelo akhe ngaphandle kokuthi uncenge umsebenzi.
“Uma ukhumbula indlela ashiya ngayo kwiSidingo, ikukhombisa ngokusobala ukuthi ubewazi amalungelo akhe futhi eqinisekisa ukuthi uyawamela ikakhulukazi kulo mkhakha okuxhashazwana khona kangako,” kusho yena.
UBra Don wachitha iminyaka eminingi elingisa emdlalweni owuchungechunge Isidingo. Kulo mdlalo kuvela ukuthi le nkakha yomlingisi yanqaba ukulingisa indawo eyabe ihambisana nesikhangiso selinye lamabhange amakhulu kuleli.
Ekhuluma kwi-podcast kaDavid Mashabela ngonyaka owedlule uBra Don, waveza ukuthi wafika watshelwa ukuthi kumele alingise le ndawo eyabe iyisikhangiso wanqaba. “Ngabatshela ukuthi ngeke ngiyidlale le ndawo, ngabe sengigoduka. Uma ngibuya ngakusasa bangibuza ukuthi kungani nginqabile, ngabatshela ukuthi ngeke ngidlale indawo ezobenzela imali mina ngingatholi lutho, yilapho bangixosha khona,” kusho yena kule podcast.
Kule podcast uBra Don wachaza ngokukhula kwakhe waveza nokuthi uyise uqale ukumazi eseneminyaka ewu-35 ubudala nokuyinto eyamvusela usizi. Uzokhumbuleka ngendawo kaLaqhasha ayeyidlala kwiSgud’Snaysi, ayichaza njengendawo ayithokozela kakhulu ukuyilingisa njengoba ayelingisa nentandokazi yomlingisi uJoe Mafela owayenguSdumo kulo mdlalo. “UJoe wayeyinkakha owawungeke uyiqonde uma ulingisa nayo ngoba wayehlale eqhamuka nezinto ezihlukile nezintsha uma nilingisa ndawonye,” echaza.







