Ilanga News
Home 9 Imibono 9 Umbono: OwaMantshontsho uphendula uQuality ngolwengezo

Umbono: OwaMantshontsho uphendula uQuality ngolwengezo

by | 5 December 2024

U-Quality Biyela

Shono ke mfokaBiyela, ufisa INDONDO ibe isiliva noma eyamalahle ?

Ngale kwamancoko, ayiqiniso elimsulwa ngempela amagama akho Menziwa.

Ubamele impela owenu engezweni nasekubeni usozimelegeqe wensizwa. 

Le “spirit” osibalulayo sokuzigqaja ngobujongo nobubhinca saba sobala ngikulamela okukuqala useyivukane unconywa uNgizwe iChunu ngo- October 2019 “thu tawuzeni en 12”.

Baningi owenu abakleza kogwansile la kuwena uma sekuziwa kwingezo.

Ngisho amanye amaciko angaphambili kwakho la kumaskandi asika iphethini la kuwe, wukuthi ngeke akuvume. 

Usazodlondlobala uye kude kakhulu ngobuciko nokuba umdidiyeli kazwelonke wengezo kowenu. 

Ngikuthuma kowenu ngoba izinsizwa (nezintombi) zibuthwa ngobudala bazo.

Udidiyela ingezo kwibutho lama-2000 nje wena, kunebutho elilanywa ilelo eladidiyelwa impisi yaseMdletsheni umfokaManqele osaphethe isicoco sengezo saseMantshontshweni.

UMlamuli Nxele

Ngaphambi kwalokho umpetha wengezo kwakuyiChalaha umfokaShafuza phansi kwaJikijiki.

Ngaphambi kwalokho isicoco sasikwiBhova likaDikadaki ngePointer nogodo nemiyeko.

Thina ke njengoyihlo sadidiyelwa kwingezo umfokaMolo uBhekumuzi Luthuli kwaMaphamulo ingakho saze senza ama-S-Curl sakhonza amahembe amhlophe ngama early 90s. 

Kukhona-ke okusamtalabho okungifikelayo kodwa ngizokwenza isisoka engakhuliswa ngaso ngokutshela  emakhaleni mhla salamelana (no need for appointment).

Ume njalo qhawe uqhubeke nokuba i-INFLUENCER kodwa ungakhohlwa ukungena estudio uphekele abantu ingoma ngoba nangalapho UNGENHLA kakhulu kwabaningi ukuthi size sikhohlwe ubhizi kakhulu ukudlala uTikTok.

Isiyobonana eMantshontshweni, DBN ICC Arena makhathaleni! 

Yimi okuvumayo
Mlamuli Nxele 
UMabhulohlanyeni umfa Mahlomeka 
KwaNomo eMgungundlovu 
Founder – Amantshontsho KaMaskandi

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...