Ilanga News
Home 9 Imibono 9 Umbono: OwaMantshontsho uphendula uQuality ngolwengezo

Umbono: OwaMantshontsho uphendula uQuality ngolwengezo

by | 5 December 2024

U-Quality Biyela

Shono ke mfokaBiyela, ufisa INDONDO ibe isiliva noma eyamalahle ?

Ngale kwamancoko, ayiqiniso elimsulwa ngempela amagama akho Menziwa.

Ubamele impela owenu engezweni nasekubeni usozimelegeqe wensizwa. 

Le “spirit” osibalulayo sokuzigqaja ngobujongo nobubhinca saba sobala ngikulamela okukuqala useyivukane unconywa uNgizwe iChunu ngo- October 2019 “thu tawuzeni en 12”.

Baningi owenu abakleza kogwansile la kuwena uma sekuziwa kwingezo.

Ngisho amanye amaciko angaphambili kwakho la kumaskandi asika iphethini la kuwe, wukuthi ngeke akuvume. 

Usazodlondlobala uye kude kakhulu ngobuciko nokuba umdidiyeli kazwelonke wengezo kowenu. 

Ngikuthuma kowenu ngoba izinsizwa (nezintombi) zibuthwa ngobudala bazo.

Udidiyela ingezo kwibutho lama-2000 nje wena, kunebutho elilanywa ilelo eladidiyelwa impisi yaseMdletsheni umfokaManqele osaphethe isicoco sengezo saseMantshontshweni.

UMlamuli Nxele

Ngaphambi kwalokho umpetha wengezo kwakuyiChalaha umfokaShafuza phansi kwaJikijiki.

Ngaphambi kwalokho isicoco sasikwiBhova likaDikadaki ngePointer nogodo nemiyeko.

Thina ke njengoyihlo sadidiyelwa kwingezo umfokaMolo uBhekumuzi Luthuli kwaMaphamulo ingakho saze senza ama-S-Curl sakhonza amahembe amhlophe ngama early 90s. 

Kukhona-ke okusamtalabho okungifikelayo kodwa ngizokwenza isisoka engakhuliswa ngaso ngokutshela  emakhaleni mhla salamelana (no need for appointment).

Ume njalo qhawe uqhubeke nokuba i-INFLUENCER kodwa ungakhohlwa ukungena estudio uphekele abantu ingoma ngoba nangalapho UNGENHLA kakhulu kwabaningi ukuthi size sikhohlwe ubhizi kakhulu ukudlala uTikTok.

Isiyobonana eMantshontshweni, DBN ICC Arena makhathaleni! 

Yimi okuvumayo
Mlamuli Nxele 
UMabhulohlanyeni umfa Mahlomeka 
KwaNomo eMgungundlovu 
Founder – Amantshontsho KaMaskandi

Ezisematheni

Induna isola u-Dkt Zweli  Mkhize ngokugaqela isikhundla

Induna isola u-Dkt Zweli Mkhize ngokugaqela isikhundla

ISUSE ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana enye yezinduna zezinsizwa kwaMandlakazi, kwaNongoma, uMnu Nkosikhona Ndabandaba, odume ngelikaPhakel'umthakathi. UPhakel'umthakathi onabalandeli abaningi ku-facebook, usole uDkt. Zweli Mkhize, ngokugaqela isikhundla eNdlunkulu...

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

KULINDELEKE ukuba ivele ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu 'inkabi' esolwa ngosebenzisana nephoyisa lase-siteshini saseMzimkhulu oSayitsheni Ntokozo Mngqithi, obhekene necala lokubulala ingoduso yakhe uSayitsheni Ntombi Mbanjwa, eyayiyiphoyisa khona...