
KUYISHWA ukuthi ukufa ngendlela ashone ngayo uMnu Nathi Mthethwa, obeyinxusa leNingizimu Afrika eFrance, sekushiye umphakathi unemibuzo eminingi, engaphenduleki.
Ngokwemibiko yamaphoyisa aseFrance, uMthethwa kuthiwa “uzibulale” ngokuphuma ngewindi esitezi sika-22, ehhotela elisenhlokodolobha yaseFrance, iParis, ngeledlule. Ngaphambi kokwenzeka kwalo muga, kuthiwa wayetshele umkakhe uNkk Philisiwe Mthethwa, uMaButhelezi, ngomqhafazo ukuthi uyaxolisa kuyena ukuthi uzozibulala.
Nembala, kwenzeke njengoba kuthiwa wayeshilo, njengoba isidumbu sakhe sitholakale ngaphandle kwaleli hhotela ayebhukhe indawo yokuhlala kulona. Ukufa kwakhe ngale ndlela, esemazweni, kuyadabukisa, kanti futhi kushiya imibuzo kubantu baseNingizimu Afrika yokuthi, ngabe ngempela uzibulele, noma kukhona abamenze isilo sengubo.
Okwenza kungabi nokuthula ngalesi sehlo, wumlando onezigigaba wale ndoda kwezepolitiki yakuleli, nokusebenzisana kwayo phambilini nalowo owabe engumengameli we-ANC, nezwe, uMnu Jacob Zuma.
UMthethwa obedabuka KwaMbonambi ngaseRichards Bay, wabuye wakhulela naseKlaarwater, eThekwini, wayeyisishoshovu sophiko lwentsha lwe-ANC (i-ANC Youth League), ngeminyaka yama-90s.
Umlando ukhomba ukuthi ungomunye wabantu ababamba iqhaza ekusizeni uMsholozi ukuba anqobe imbangi yakhe kwi-ANC, uMnu Thabo Mbeki, wagcina ngokuba ngumengameli kaKhongolose ngo-2007, ePolokwane, okwathi ngo-2009, waba ngumengameli wezwe.
Igama likaMthethwa laqala ukugqama ngo-2005, emhlanganweni we-ANC obizwa ngeNational General Council (NGC), lapho kuthiwa wasukuma, waphikisa isiphakamiso sokuthatha ikhefu kukaZuma ezinhlakeni zikaKhongolose, emuva kokuba exoshwe nguMbeki, esikhundleni sokuba yisekelamengameli lezwe. Kuzokhumbuleka ukuthi uMbeki waxosha uNxamalala emuva kokuvela kobufakazi ecaleni lenkohlakalo likaSchabir Shaik, owayengumeluleki wezemali kaZuma, bokuthi babenobudlelwano obunenhlese yenkohlakalo.
UShaik wagwetshwa iminyaka ewu-15 ngalelo cala, kanti uZuma usahamba izinkantolo ngawo lawo macala nanamuhla. Umlando ubuye ukhombe ukuthi, kwathi nxashane ikhempu kaZuma eqenjini ixosha uMbeki ekubeni ngumengameli wezwe ngo-2008, ifaka uMnu Kgalema Monthlante ukuba abambe isikhundla okwesikhashana, zakhuphuka izimendlela kuMthethwa, owagixabezwa ngesikhundla sokuba ngungqongqoshe wamaphoyisa.
Nokho, isikhathi abephethe ngaso izikhundla kuhulumeni uMthethwa kasibanga nokuthula, njengoba wake wanukwa ekusetshenzisweni kwenkece yabakhokhi bentela, ukwakha uthango lokuqinisa ezokuphepha emzini wakubo KwaMbonambi. Lokhu kwavela ebufakazini obethulwa kwiKhomishini kaZondo, eyayiphenya ngokugwanyandwa kwamandla ombuso yidlanzana, ngesikhathi sikahulumeni kaZuma.
Kamuva, igama likaMthethwa libuye lavela kabi, enindeka ebufakazini obethulwe nguJenene Nhlanhla Mkhwanazi kwiKhomishini kaMadlanga, lapho uNdonga ethe ngo-2011, uMthethwa wagxambukela emsebenzini wamaphoyisa, waphikisa ukuboshwa kwesikhulu samaphoyisa uMnu Richard Mdluli, esasinukwa ngenkohlakalo yokutapa imali esikhwameni somnyango wezobunhloli samaphoyisa. UMdluli kuthiwa “wayengumuntu” kaZuma, yingakho wayevikelwa nguMthethwa.
Kuyishwa ukuthi uNyambose ushona nje, ubengakaze aphumele obala, aziphendulele ngalezi zinsolo zenkohlakalo ebezilokhu zimlandela.







