Ilanga News
Home 9 Imibono 9 UKhongolose mawuhlanze umsamo, kungenjalo ikusasa lawo limnyama

UKhongolose mawuhlanze umsamo, kungenjalo ikusasa lawo limnyama

by | 8 October 2025

NGUMENGAMELI Cyril Ramaphosa, umbhali athi akamboni eqeda ihlandla lakhe lesibili
njengomengameli.

ANGIQALE ngokushayela ihlombe okwenziwa iqembu i-African National Congress ngokusinga eMpumalanga.

Kodwa kuyona leyo mizamo, ngicela ukubeka ukuthi, uma umuzi ubonakala uchitheka, kungasenzeki lokhu okwakwenzeka kusekhona okhokho, amakhehla nezalukazi zakhona, kuyaye kubuyelwe emuva, kubhekwe emsamo ukuthi konakalaphi.

Umsamo ukhumbula abantu ababekhona, ukuthi bashiya benzeni, kanti nabasaphila basahamba yini ngendlela okwakuqhutshwa ngayo. Sizokhumbula umuzi nomuzi wawunezinqubo nemikhuba yawo, kodwa ekugcineni wenganyelwe yisiko nesintu. Imikhuba yayingeqi isiko lokuphila, yilona elalihlale njalo liphambili.

Ziningi-ke izinto esiyaye sithi uma sikuzona, singabheki ukuthi zisafana nomuzi, onekhaya, iziko namathongo akhona, okuyizinsika. Lo muzi ufumbethe umndeni, okugcina kuphuma eminye imindeni kuwona. Kunjalo-ke nasezinkampanini, nasemaqenjini epolitiki. Inkampani iqala incane, igcine inkulu ngokukhula kwayo.

Okwenzeka eqenjini le-ANC njengamanje akwehlukile kulokhu esengikusho ngasenhla. Ngesikhathi leli qembu liqanjwa, lamiselelwa ngezinhloso zokubumba ikhaya laba-mnyama, okwakuzokuba yiziko lapho bezokotha khona, bafudumale, njengalokhu babegodoliswa wubandlululo, bese kucelwa emathongweni ukuthi, “anisishiyanga sinje”.

Lokhu esenziwa khona, akukhona. Lamiswa-ke ikhaya, kwathiwa yi-ANC. Leli qembu linabantu abadala kulona, abalibumba, okufanele bathathwe njengamathongo alo. Uma ukhumbula kahle, kufanele sizibuze ukuthi kungani bonke ababebhekene namacala aseRivonia bengazange bagwetshwe intambo, kodwa kunalokho banikezwa udilika jele. Kungoba babethunywe ngamathongo abo ukulwela okufanele, akukho lutho olwabe lungubugebengu.

Amathongo ase-Afrika nawabo, ngamunye ngamunye, abavikela. Bangena ejele, aphinde ababheka amathongo abo, bakhishwa ejele. Umbuzo wokuqala, “basibheka yini lesi simangaliso sebephumile”? Kuningi osekwezekile esingebuyele kukhona ngoba kasiqonde kubhala incwadi yomlando. Uma i-ANC ithatha ilizwe ilengamela, ayithathanga izintambo kungekho lutho. Kwakukhona izizinda ezakhiwa amaBhunu, ezakhiwa ngohulumeni basekhaya, njengoHulumeni waKwaZulu, okwakukhona okuhle ababekwenzile nabo.

Kodwa ngenxa yokuthi babefuna ukubonakala nje-ngabantu okuyibona abeze nezinguquko, bakuhlakaza konke lokho. Kwabulawa izizinda ezingamahovisi ezazisemalokishini, babulala amakolishi ezemfundo, batshala abantu babo ezizindeni zikahulumeni ezazifana neTransnet, i-Eskom, iDenel neSABC, namhlanje okubhuquza phansi. Cishe bakubulala konke okwakuqhamuke neNkosi (uMangosuthu) uButhelezi, engasekho, ngoba bethi wakuqamba ngesikhathi sobandlululo. Abazange babheke buhle kukhona konke lokhu.

Kukhona konke baqala, ukuxabana bodwa, kubangwa izikhundla. Namhlanje sibona izingane zamfazi munye zibhekene ngeziqu zamehlo. Zingenisana ezinkantolo, kugcine emajele. Kusukela kuMengameli Thabo Mbeki, akekho umengameli osaqede ihlandla lesibili. Nalona okhona njengamanje ngeke aliqede, liyowa licoshwe yizinkukhu.

Namhlanje sinamaqembu azalwe yi-ANC, esingathi yingxabano yasemnde-nini, yezingane zandawonye eziphethwe yithongo elilodwa. Amaqembu i-EFF, noMkhonto Wesizwe, ikhaya labo wuKhongolose. Baxabana bodwa, bayabophana namhlanje, kodwa bonke laba bantu bangabomsamo owodwa.

Isintu sithi, umuzi onomsindo kuyaye kubhekwe ukuthi udalwa yini, akuqhutshekwa nokuphila kungabhekiwe lokho, ze kuyokhalwa esibayeni kwabadala. Iqembu le-ANC alikwenzi lokho. UMvelinqangi namathongo babanikezile ithuba lokwengamela iminyaka ewu-30, ekugcineni labona nalo ithongo ukuthi sekwanele.

Njenganje kuyahlanganwa, kuzanywa ukuqoqa, kodwa abakuthinti okuwumgogodla wokonakala. UMbeki ubonakale eThekweni ngeledlule eyo-kwethula indlela yokuzama ukuba kubunjwanwe, kubuyelwe emuva, kodwa akazange athinte noku-kodwa kokwabulala le liqembu.

I-ANC ibulawe yizinto eziningi esingazibala, ngithi ziwumsamo okufanele abaholi bayo babuyele kuzona, ngaphandle kwalokho abasoze babuyela kulokhu abathi bayakuzama:
* Abahlambulekelelane ngokwenzeka bese-kudingisweni – kwabangasekho nabasekhona.
* Abahlambulule imindeni yalabo abanyamalala, nabo ababamba iqhaza emzabalazweni, kodwa bangabuyela emakhaya.
* Abahlambulule imiphefumulo eyahamba iyokulwelwa inkululeko, yaphelela ekudingisweni.
* Abathelelane amanzi bona bebodwa, ngoba okuningi okwenzeka namhlanje kusatshengisa amagqubu asagubuzelekile phakathi kwabo.
* Akuvezwe amaqiniso, kuphenyelwe ngokufa kukaChris Hani nabanye, ngoba ngeke kube wukuthi akekho owaziyo noneqiniso. Akukho ukuthula kukhona umndeni osakhala. Baningi esisazibuza, nanamhlanje esingazi bashonaphi?
* Ababize amabhunu, kuhlalwe kabusha nawo, abuzwe ukuthi ashiyani kulezi zizinda esazithatha sazengamela ezinjengoSABC, oEskom, oDenel, iTransnet (ikakhulukazi Uloliwe) nezinye. Kungani sezibhuquza odakeni namhlanje?
* Akubuyelwe emuva, kuthelelwane amanzi, kugezelwane abamhlophe nabamnyama ngoba nhlangothi
zombili, sachithelana igazi.
* Akufezwe isicelo seNkosi uButhelezi, sokuthelelana amanzi.
* Amalungu eqembu i-ANC awayeke ukuziphakamisa noku-zazi, abuyele ebantwini, abe ngabantu, azikhumbule ukuthi angama-Afrika.
* Akugezwe bonke ababesekudingisweni ngoba kuningi ababekwenza okumnyama, nge-nkathi belwelwa inkululeko.
* Ake kukhulunywe amaqiniso kodwa kungaboshwa muntu ngalokho, ngoba iTRC ayenzanga lutho, kunalokho yayiwumbukiso.
* Lishile iphalamende, okwakuthathelwa kulona izinqumo zokubulala abantu nengcindezi. Liyogezwa nini?

Ukungahambisani nohulumeni wobandlululo bekulula, ngoba bewuthathwa ushaywe, maqedane uyovalelwa esiqhingini iRobben Island. Namhlanje ngoba sithi sesikhululekile, induku esisetshenziswa wukufulatheliswa leli. Iqiniso alifuneki, thula noma konakala.

Baningi esisazibuza imibuzo ngabo, esihamba phezu kwabo, ngenxa yokuzama kwabo ukuveza ububi nokungcola osekukhungethe leli qembu, elaline zinhloso zokukhulula umuntu omnyama. Kuyaye kudabukise ukuthi uthi usabheke obekade engungqongqoshe, undunankulu, noma isikhulu thizeni sasePhalamende, uzwe kusasa kuthiwa usevulelwe amacala. Uzibuze ukuthi, “usenzeni; yini lena asethe wafuna ukuyiphefumula”?

Akukho lutho i-ANC okufanele ikwenze, ngaphandle kokuthi iphendukele kulezi zinto engizibale ngasenhla, engizithatha njengomsamo ongcolisekile. Bafowethu, nodadewethu; bhekani emsamu, akukho lutho, kukunina, lokhu eniphathisiwe ngamathongo akini nakulahla nina. Yinina futhi eniyokucosha ngokubhekana neqiniso, niyeke ipolitiki, kenikhulume isintu nobuntu. Ngalelo langa, niyophinde ninikezwe ithuba.

Solwazi Bhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize (PhD)
Uhlanya lwaseMlambomunye

Ezisematheni

Sezimkhalele owesifazane osolwa ekubulaweni komshayeli wakwaBolt

Sezimkhalele owesifazane osolwa ekubulaweni komshayeli wakwaBolt

SEZIMKHALELE umsolwa wesifazane osolwa ekubulaweni komshayeli wemoto yakwaBolt ePretoria West ngoLwesithathu ebusuku. Isigameko sokuklinywa kubulawe lona wesilisa obeshayela kuBolt, okubonakale ebanjwa inkunzi , sishaqise abaningi ezinkundleni zokuxhumana....

Iseyinzukayikeyi eyombango wobukhosi baKwaZulu KwaNodunga

Iseyinzukayikeyi eyombango wobukhosi baKwaZulu KwaNodunga

KUGQAME inzo-ndo emalungwini omndeni wa-sebukhosini ba-kwaZulu, Kwa-Nodunga, eMvoti, njengoba ebeseNka-ntolo eNkulu, eMgungundlovu, ngoLwesibili, ephelezele amadodana enkosi eyakhothama ngo-2016, abanga isihlalo.INkosi uNkanyiso kaQedisono Zulu (28), yiyona eyanikwa...

Wukuxhoshwa ngemali okuqhathe uTshatha nabeMpucuzeko

Wukuxhoshwa ngemali okuqhathe uTshatha nabeMpucuzeko

ULAXAZE phansi umcimbi weMpucuzeko Maskandi Festival, ‘ngenxa yoku-shaywa ngesithende’ uma kwabiwa imali yawo’, umsakazi woKhozi FM, okuthiwa nguyena umphembi wawo, kodwa ubekhala ngengcindezelo. Ngokuthola kweLANGA ngemi-thombo yalo, ubudlelwano buka-Khathide...