
UKUSAYINWA “kwesivumelwano soxolo” nguMengameli waseMelika uMnu Donald Trump, namanye amazwe aseMpumalanga ephakathi (Middle-East), ukuxazulula impi ephakathi kwezwe lakwa-Israel, nezitha zalo okuyiqembu lamaPalestina, iHamas, elibusa isiqeshana somhlaba iGaza Strip, kuyizindaba ezithokozisayo, ngoba lesi sivumelwano sisho ukuphela kokuphalala kwegazi.
NgoMsombuluko wesonto eledlule, uTrump uvakashele kwa-Israel, wethula inkulumo ephalamende lakhona. Kuthe ntambama ngosuku olufanayo, waya e-Egypt, lapho esayine khona lesi sivumelwano soxolo, okuhloswe ngaso ukuqeda impi esibulele inqwaba yabantu kuleya ndawo, eminyakeni emibili edlule.
Ngalo futhi usuku olufanayo, iHamas ikhulule izakhamizi eziwu-20 zakwa-Israel ebizithumbile. Abantu bakwa-Israel, ababalelwa ku-200, ababethunjiwe, bakhululwa phambilini. Ngakolunye uhlangothi, kukhululwe amakhulu eziboshwa zamaPalestina, ebeziboshwe emajele akwa-Israel, ngamacala aphathelene nokuzama ukuketula uhulumeni wakwa-Israel.
Kuzokhumbuleka ukuthi ziwu-7 kuMfumfu (October) ngo-2023, amalungu eHamas agasela kwa-Israel, abulala abantu abangaphezulu kuka-1 200, abuye athumba nabanye abawu-250. Okwalandela kwaba wukuziphindiselela kwe-Israel, eyabe izama ukukhulula izakhamizi zayo ezazithunjwe yiHamas. Kule minyaka emibili selokhu kwenzeka lesi sibhicongo, amasosha akwa-Israel ase-bulale abantu baseGaza, ababalelwa ku-70 000.
Kulesi sikhathi sempi, iNingizimu Afrika yangenelela ohlangothini lwamaPalestina, yaqasha izazimthetho ngezigidi zemali, yafaka icala kwi-International Court of Justice (ICJ), eThe Hague, eNetherlands, imangalela i-Israel, ithi izenzo zayo zihlose ukushabalalisa isizwe samaPalestina. Amajaji e-ICJ kawakaphumi nesinqumo ngaleli cala, okuthiwa selidle inkece engaphezu kuka-R200 million, yabakhokhi bentela bakuleli.
Naphezu kokuba iNingizimu Afrika – iqhuba izinhloso ze-ANC – ibe ngelinye lamazwe abephambili ekungeneleleni ohlangothini lwamaPalestina, osekuhlale obala wukuthi amazwe angomakhelwane bamaPalestina, angamanye acebe kakhulu emhlabeni, abelokhu emadolonzima ukungenelela kulolu daba.
Kodwa okwenzekile emuva kokusayinwa kwesivumelwano soxolo ebesenganyelwe nguTrump, wukuthi iNingizimu Afrika kayibalwanga emazweni abambe iqhaqa ukuxazulula le ngwadla. Kayimenywanga ukuba ibe yingxenye yamazwe abalelwa ku-30, abethamele umcimbi wokusayinwa kwesivumelwano eSharm El-Sheikh, e-Egypt. Empeleni ukweseka kwethu amaPalestina, kwasifakela isigcwagcwa kuhulumeni kaTrump. Umthelela wakho usubonakele ngokukhishwa kwaleli inyumbazane kwezohwebo, yiMelika.
Lokhu sekuwulimazile umnotho wezwe, futhi kuzoholela ekulahlekelweni kwabantu bakuleli yizinkulungwane zemisebenzi. Isifundo ngalokhu wukuthi, kanduba zithathe izinqumo ezinqala ezithinta impilo yoquqaba, izikhulu zikahulumeni wakuleli kumele zihlale zigawula zibheka, zikwexwaye ukusifaka ezindabeni zakwamanye amazwe akude kunelethu. Okufanele zikubeke phambili ngaso sonke isikhathi uma ziqinisa amaxhama obudlelwano namanye amazwe, yinhlalakahle yezakhamizi zakuleli.







