Ilanga News
Home 9 Featured 9 UNtuli uthi ziqinile ezokuphepha ngaholidi kaDisemba

UNtuli uthi ziqinile ezokuphepha ngaholidi kaDisemba

by | 20 November 2026

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthi ukuphepha kwabantu bakulesi sifundazwe akuzoncengwana ngakho njengoba benomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uhamba ngokukhululeka. Lokhu ukusho namhlanje kwethulwa izinhlelo zokuphepha njengoba sekungena amaholidi kaZibandlela (December), emcimbini obuse-Amphitheatre, eNorth Beach, eThekwini.

Uthe kumele kwenziwe isiqiniseko sokuthi izingane zikwazi ukuhamba ngokukhululeka ngaphandle kokusaba, abesifazane nabo bakhululeke ngaphandle kokuphazanyiswa kanjalo namabhizinisi aqhubeke kahle nezivakashi zize esifundazweni ngokukhululeka.

“Ngeke lokhu sikwenze ngempumelelo ngokuthi sidlulise imiyalezo kuphela kodwa kumele senze. Sidinga umphakathi ongezodayisa ngomakhelwano babo ezigebengwini. Ngicela siyeke ukuthula uma kukhona okwenzekayo. Asikwazi ukwamukela ukuhlukunyezwa kwabantu njengento engathi ivumelekile. Ngicela sibambisane silwe nobugebengu ngaphandle kokubheka ukuthi benziwa ubani. Kuwona wonke amaphoyisa azobe esebenza engahleli nemindeni yawo njengoba ngamaholidi okuphela konyaka, ngidlulisa ukuncoma kuwona. Ukuzinikela kwenu siyakubona sinifisela inhlanhla futhi niphephe,” esho.

Kubantu bakwaZulu-Natal, uNtuli uthe ucela babhiyoze bazibheke futhi baphephe bavikelane futhi babambisane namaphoyisa.

Uthe ucela abantu ukuthi benze isiqiniseko ukuthi la maholidi okuphela konyaka kube ngaphephile. Unxuse uNkulunkulu ukuthi avikele abantu bakwaZulu-Natal.

Uthe u-R124 billion osomabhizinisi abazibophezele ukuthi bazowutshala kulesi sifundazwe kusho ukuthi izinto ziza kahle kumabhizinisi esifundazweni kodwa kumele abamabhizinisi banikwe ithemba ngokuthi kuliwe nobugebengu. Uthe yize bekwethulwa ngokusemthethweni uhlelo lokuphepha namhlanje kodwa amaphoyisa abevele esebenza eqinisekisa khona ukuphepha kwabantu esifundazweni.  Uthe bakhathazekile ngamacala okugqekezwa kwemizi, okwamabhizinisi, ukudunwa kwezimoto nokubanjwa kwezihambisa imali, ukusetshenziswa kophuzo oludakayo ngendlela engamukelekile nokuhlukunyezwa kwabesifazane ngenxa yobulili. Uthe ngeke bavume ukuthi imindeni iphazamiseke ngalesi sikhathi sokuhlangana kwayo izophumula. Amaphoyisa uthe azobe etshaliwe kuzona zonke izindawo ezaziwa ngokuba nobugebengu ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu.

Ezisematheni

Bagwetshwe odilikajele abebengaphandle ngoshwele

Bagwetshwe odilikajele abebengaphandle ngoshwele

INKANTOLO eNkulu yaseThekwini igwebe udilikajele uSibongiseni Mkhize (39) noNkosinathi Ndlovu (41) abebengaphandle ngoshwele kodwa babulala umnikazi wepulazi eWaterfall. Iphinde yabagixabeza ngeminyaka engu-20 umuntu emunye ngokugqekeza nokutholakala nesibhamu...

Uzofihlwa ngokohlelo lukahulumeni uDkt Mlambo-Ngcuka

Uzofihlwa ngokohlelo lukahulumeni uDkt Mlambo-Ngcuka

UZOHLONISHWA ngomngcwabo kahulumeni osesigabeni sesibili owayeyisekela likaMengameli uDkt Phumzile Mlambo-Ngcuka (71) oshone ngoLwesihlanu ebusuku. Ihhovisi likamengameli limemezele izinhlelo zokufihlwa kwakhe futhi umngcwabo uzoba se-Eastern Cape ngoMgqibelo. UDkt...