
INKANTOLO yeMantshi yasePitoli ibuyekeze imibandela yebheyili kasomabhizinisi waseNorth West, uMnu Suliman Carrim emva kokuhluleka kwabameli bakhe ukuthi baziyele mathupha kwikhomishana kaMadlanga ukuzohlela usuku azovela ngalo kuyona.
UCarrim osekunesikhathi efunwa yikhomishana kaMadlanga ukuthi azophendula ngezinto eziningi ezithinta igama lakhe njengoba lihlala livela uma kukhona abethula ubufakazi kuyona, ugqunywe esitokisini. Lokhu kuza emva kokuboshwa kwakhe ngenyanga edlule esesikhumulweni samabhanoyi e-OR Tambo. Ekuboshweni kwakhe inkantolo ibimnike ibheyili ka-R100 000 kodwa wangakwazi ukuphuma ngenxa yokuthi uthinteka kwelinye icala anqatshelwe ukuphuma ngebheyili kulona.
Ngesikhathi enikwa ibheyili ka-R100 000, enye yemibandela yayo ukuthi abameli bakhe bayovela bukhoma kwikhomishana kaMadlanga kodwa bangakwenza lokho. Kunalokho abameli babhalela iMadlanga i-email okuyinto engashiwongo yinkantolo. Njengoba ebebuyele enkantolo namhlanje, uyalelwe ukuthi sekumele kube nguyena oziyela mathupha kwiMadlanga ayohlela nayo usuku azovela ngalo kuyona ukuzokwethula ubufakazi.
Sesiside isikhathi ikhomishana Ibiza uCarrim ukuthi azokwethula ubufakazi kuyona kodwa ubehlala eqhamuka nezizathu ezenza angakwazi ukuza kuyona. Esinye sazo bekuba wukuthi uyagula udokotela wakhe umyalele ukuthi aphumule. Kukhona isikhathi lapho ukugula kwakhe okwashayisa amakhala emva kokubonakala ekhithiza eCape Town kade ethe ngeke akwazi ukuza kwikhomishini.







