Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 ISekhukhune ichithe oke wagijima kwiChiefs

ISekhukhune ichithe oke wagijima kwiChiefs

by | 1 August 2025

ISEKHUKHUNE United ichithe ngokusemthethweni uNjabulo Ngcobo oke wadlala kwiKaizer Chiefs kanye noRelebogile Mokhouane odlala esiswini oke wadlala kwiCape Town City.

Laba badlali bebesanezinkontileka nale kilabhu kodwa kwavunyelwana ngokuthi kuhlukwane kahle ngokuthula.
Kuthiwa kabekho ezinhlelweni zomqeqeshi u-Eric Tinkler.

Kuzokhumbuleka ukuthi uTinkler nguyena oxoshe uMokhouane kwiCape Town City njengoba esezomxosha futhi kwiSekhukhune.

UMokhouane kithiwa ujima neSiwelele FC kanti uNgcobo ukhonjwa kwiDurban City.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...