Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 OwePirates udalula okumele bakugweme koweCaf eGibhithe

OwePirates udalula okumele bakugweme koweCaf eGibhithe

by | 22 April 2025

SIVEZA okufanele bakugweme uma befuna ukudlulela kowamanqamu weCaf Champions League isilomo se-Orlando Pirates, esiyibamba esiswini, uThalente Mbatha (oesithombeni).

IBucs izobhekana nePyramids yase-Egypt emlenzeni wesibili we-semi-final yeCaf Champions League ngoLwesihlanu ngo-20h00 eJune 30 Air Defence Stadium, eCairo.

La makilabhu abambane ngo-0-0 emlenzeni wokuqala obuseFNB Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo kusihlwa.

UMbatha udalula okufanele bakugweme uma bezimisele ngokunqoba lo mdlalo.

“Kulo mdlalo (wangoMgqibelo) sibe neshwa, bekungelona usuku lwethu. Sakhe inqwaba yamathuba kodwa sangavalela ngisho elilodwa enethini.

“Kodwa-ke okufanele sikugweme njengoba siya emlenzeni wesibili, wukubavumeli bashaye igoli kuqala ngoba siyazi ukuthi siyobhekana nani.

“Uma sibavumela ukuthi bathole igoli kuqala enkundleni yabo, siyobe sizifake enkingeni. Kodwa-ke ukuzethemba kithina kuphezulu ngoba ekuhambeni besilokhu senza kahle.

“Sike saya naseCairo, sabuya nomphumela omuhle. Okumqoka njengamanje wukulolonga imiqondo yethu kahle, siye kulo mdlalo sisesimweni esihle ngoba kusengenzeka noma yini,” esho.

IBucs ilwela ukuthola inkanyezi yesibili ngokuqukula indebe yalo mqhudelwano eyawudla ngo-1995 yehlula i-Asec Mimosa yase-Ivory Coast ngo-3-2 kowamanqamu, sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze emibili.

La makilabhu abambana ngo-2-2 emlenzeni wokuqala owawuseNingizimu Afrika, kwathi kowesibili iBucs yanqoba ngo-1-0 wegoli likaJerry “Legs of Thunder” Skhosana alishaya maqede kwaquleka abanye abalandeli beMimosa.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...