Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 OwePirates udalula okumele bakugweme koweCaf eGibhithe

OwePirates udalula okumele bakugweme koweCaf eGibhithe

by | 22 April 2025

SIVEZA okufanele bakugweme uma befuna ukudlulela kowamanqamu weCaf Champions League isilomo se-Orlando Pirates, esiyibamba esiswini, uThalente Mbatha (oesithombeni).

IBucs izobhekana nePyramids yase-Egypt emlenzeni wesibili we-semi-final yeCaf Champions League ngoLwesihlanu ngo-20h00 eJune 30 Air Defence Stadium, eCairo.

La makilabhu abambane ngo-0-0 emlenzeni wokuqala obuseFNB Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo kusihlwa.

UMbatha udalula okufanele bakugweme uma bezimisele ngokunqoba lo mdlalo.

“Kulo mdlalo (wangoMgqibelo) sibe neshwa, bekungelona usuku lwethu. Sakhe inqwaba yamathuba kodwa sangavalela ngisho elilodwa enethini.

“Kodwa-ke okufanele sikugweme njengoba siya emlenzeni wesibili, wukubavumeli bashaye igoli kuqala ngoba siyazi ukuthi siyobhekana nani.

“Uma sibavumela ukuthi bathole igoli kuqala enkundleni yabo, siyobe sizifake enkingeni. Kodwa-ke ukuzethemba kithina kuphezulu ngoba ekuhambeni besilokhu senza kahle.

“Sike saya naseCairo, sabuya nomphumela omuhle. Okumqoka njengamanje wukulolonga imiqondo yethu kahle, siye kulo mdlalo sisesimweni esihle ngoba kusengenzeka noma yini,” esho.

IBucs ilwela ukuthola inkanyezi yesibili ngokuqukula indebe yalo mqhudelwano eyawudla ngo-1995 yehlula i-Asec Mimosa yase-Ivory Coast ngo-3-2 kowamanqamu, sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze emibili.

La makilabhu abambana ngo-2-2 emlenzeni wokuqala owawuseNingizimu Afrika, kwathi kowesibili iBucs yanqoba ngo-1-0 wegoli likaJerry “Legs of Thunder” Skhosana alishaya maqede kwaquleka abanye abalandeli beMimosa.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...