
USIHLALO woMkhonto weSizwe Party (MKP) KwaZulu-Natal, uMnu Willies Mchunu ukhala ngesenzo sobengunobhala jikelele waleli qembu, oxoshiwe ukuthi akhulume izindaba zeqembu esidlangaleni.
ILANGA libe nengxoxo ekhethekile noMchunu othe, uMnu Sibonelo Nomvalo akenzanga obekulindeleke, kuyena njengomuntu obesesikhundleni esibalulekile futhi ofunde ngale ndlela afunde ngayo.
“UNomvalo wayengibikelile nami ukuthi unenkinga yokuthi ukhulunywa kabi ngabathile kumengameli weMKP. Wangicela ukuba ngimxhumanise nomengameli (uMnu Jacob Zuma) kodwa ngangakwazi ukuthi ngikhulume naye ngoba ubengaphilile, esesibhedlela.
“Bengilindele ukuthi uma sesibonana, ngiyikhulume indaba yakhe kumengameli kodwa wangimangaza eseyokhuluma kwabezindaba, ngabona ukuthi vele akasangidingi. Noma ngabe wenziswe wukuthi uxoshiwe kodwa, lokhu akwenzile, bekumele alinde udaba luyiswe kahle kumengameli.Njengomuntu ofundile njengoba engu-Advocate, ngiphoxekile ngesenzo sakhe,” kusho uMchunu.
Uthe njengoba besezikhundleni zepolitiki, basuke bethunywe amaqembu abo, okuyiwona akwazi ukuthatha isinqumo sokukususa kusona.
“Nami njengoba ngikulesi sikhundla, uma iqembu lithi alisangidingi kusona, ngiyobuyela ekhaya, ngiqhubeke nokulisebenzela ngaphansi kwewadi yami. Isikhundla engikusona njengamanje sasiphethwe nguyena uNomvalo lamsusa iqembu, waba ngunobhala. Bekumele akuqonde namanje ukususwa kwakhe,” esho.
Esithangamini ebesibizwe nguNomvalo ngeledlule, ubekhala ngokuxoshwa kwakhe esikhundleni sokuba ngunobhala, nokuba yilungu lePhalamende leMKP, ethi kukhona abamhambe ngemuva khona eqenjini.
Kubona ubale uNkk Zandile Gumede noMfundisi Mxolisi Phakathi ogaqele esokuba yimeya yeTheku. Uthe bahambisa kuMengameli Zuma umbiko ongelona iqiniso ngaye.
UMchunu uthe ngeke aphawule ngalokho ngoba akezwanga noma uNomvalo uke wakhuluma yini nalaba abasola ngalokho. UMchunu ukhale ngokukhipha izindaba zangaphakathi eqenjini okwenziwe nguNomvalo, zibe zikhona izinhlaka angakwazi ukukhuluma nazo ukulungisa isimo abhekene naso.







