Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

by | 1 October 2026

AKHULUME ngazwi linye, avumelana ngokuziphatha kahle amaqembu ezepolitiki akhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya olungomhla ka-4 kuLwezi (November). Bekunomcimbi wokusayinwa kwesivumelwano sokuziphatha nokuzibophezela, e-Olive Convention Centre, eThekwini, ngoLwesibili.

Abaholi bala maqembu bafungisiwe, basayina isibophezelo sokuziphatha kahle nokungabhebhezeli udlame emikhankasweni yawo. Athembise phambi kwejaji ukuqinisekisa ukuthi nabalandeli bawo bazoziphatha kahle ezindaweni abakhankasa kuzona.

Ukhomishana wokhetho kuleli, uMnu Glen Mashinini, uthe ukuzibophezela kwawo, ikakhulukazi KwaZulu-Natal, kumqoka kakhulu kwazise lesi sifundazwe sivamisile ukuba nezigameko zodlame ngesikhathi sokhetho, ikakhulukazi elohulumeni basekhaya.

Uthe abaholi bamaqembu kumele baziqaphele nezinkulumo abazikhulumayo emiphakathini ngoba ezinye yizona ezibhebhethekisa udlame. Unxuse abaholi bamaqembu ukulandela imigudu efanele uma kukhona lapho bengagculisekile khona.

UMashinini ucele amaqembu ukuyethemba ikhomishini yokhetho ngoba konke ekwenzayo, ikwenza ngokuthembeka, futhi yenza konke ukuqinisekisa ukuthi ukhetho luqhubeka ngaphandle kokuchema.

UMengameli wamaJaji KwaZulu Natal, uNkk Thoba Poyo-Dlwati obeyingxenye yomcimbi, uthe nophiko lwamajaji luzobe lumi ngomumo ukwehlulela noma ngubani ozophazamisa ukhetho.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli uthe kuyamjabulisa ukubona amaqembu ekhuluma ngazwi linye, ezibophezela ngokuziphatha kahle okhethweni. Uthe wonke amaqembu anelungelo lokukhankasa noma yikuziphi izinkalo zesifundazwe ngokukhululeka.

I-IEC iveze ukuthi isikulungele ukusingatha ukhetho. UNkk Ntombifuthi Masinga oyisikhulu se-IEC KwaZulu-Natal, uthe ngasohlangothini lwabo, sebesokhethweni.

Uthe lokhu ukusho ngoba seziqalile izinhlelo zokubhalisela ukuvota okuyisipesheli. Isiteshi esikhulu semiphumela KwaZulu-Natal, sizoba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, athe sizovulwa ngomhla ka-28 kwephezulu size sivalwe ngomhla ka-8 kuLwezi.

UMasipala iTheku yiwona ogabe ngamaqembu nabazimele abaningi, abagaqele ukunqoba amawadi kuwona. Lo masipala yiwona omkhulu esifundazweni, kanti amaqembu amakhulu ajube izethenjwa zawo ukufolosa ngazo esikhundleni sokuba yimeya.

Ezisematheni

Kuhlangene omame bamaSheshi eThekwini

Kuhlangene omame bamaSheshi eThekwini

UMBUTHO womame beBandla laseSheshi (Anglican Church) ubambe ingqungqutheka yezinsuku ezine Thekwini, eqale ngoLwesine. Le ngqungquthela yalo mbutho owaziwa ngeMothers' Union yethanyelwe yizithunywa ezibalelwa ku-2 000, ezivela ezingxenyeni ezehlukene zezwe, nakwamanye...

Inyuvesi nesifundo ngamagalelo kaShenge

Inyuvesi nesifundo ngamagalelo kaShenge

ISIKHUNGO semfundo ephakeme, iMangosuthu University of Technology (MUT), sihlele isifundo ngempilo nangamagalelo omsunguli waso, iNkosi uMangosuthu Buthelezi (uMntwana waKwaPhindangene). Lesi sifundo esizokuba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre...

Isililo ngegoso elibhubhe namagidangoma engozini

Isililo ngegoso elibhubhe namagidangoma engozini

YIGOSO uNhlonipho "Thustabane" Dlamini nelinye lamagidangoma, uSifundo Magagula. UGQEMEKE ingozi engeqiwa ntwala umndeni wegoso uNhlonipho “Thustabane” Dlamini (32), waseMdletsheni, eMzinene, oshe wangqongqa nabayishumi abebegida nabo ingoma esehlakalweni...