
INKANTOLO yeMantshi yaseGoli ichithe isikhulu esiphezulu seSouthern African Music Rights Organisation (Samro) , u-Annabell Lebethe ngecala lokuhlukumeza ebesilivulele olwela amalungelo abaculi, u-Owen Ndlovu.
Isinqumo senkantolo Ilanga elinayo ikhophi yaso, sithi akukho lapho kuvela khona ukuthi uNdlovu waphambana nomthetho noma wahlukumeza lesi sikhulu.
Ikhipha isinqumo imantshi uMonique Anne Thirtle, ithe incwadi yesivimbelo eyayithathwe yilesi sikhulu ngenhloso yokuthi uNdlovu angabe esasondela kusona nemiyalezo ayeyithumelele sona, yayingasihlukumezi.
Ingxabano yabo ingendaba yezikhalo ebezikhona ngendlela okuthiwa iSamro yenza ngayo izinto nokungaphathi ngendlela kwezikhulu zalolu phiko.
ULebethe uvule icala ngoMashi wonyaka odlule ekhala ngoNdlovu ukuthi uyamhlukumeza.
Enkantolo kuvelile ukuthi iSamro nenkampani kaNdlovu i-One Rights Management CC zisebhilidini elilodwa eBramfontein, eGoli futhi bezisebenzisana phambilini.
Ingxabano yabo isuka ngo-2023 ngesikhathi inkampani eyenza ucwaningi ngeSamro, iFundudzi Forensic yaveza ukuthi lolu phiko aluziphathanga kahle izimali, okuyilapho uNdlovu aphumela obala egxeka iSamro ngalo mbiko.
Okunye obekuvezwe uLebethe umyalezo kaWhatsApp awuthunyelelwa wuNdlovu ngoZibandlela wango-2024 athi wayemsabisa.
Ngalokho inkantolo ithe kwakungaba ukuthi wasabiseka uLebethe ngalo myalezo kodwa ngeke ume ngesigameko esisodwa ukuthi uyasatshiswa.
UNdlovu ubelokhu emile ngokuthi umsulwa, futhi uyajabula ukuthi inkantolo igcine imthole engenacala.
Uveze ukuthi ngokwakhe lesi sigameko sasingaxazululwa ngohlelo lwangaphakathi kwaSamro naye kunokuthi kuze kuyiwe enkantolo kuchithwe imali.
Uthe yize kunjalo kodwa ukholelwa ukuthi inkantolo iyona indawo okumele uye kuyona ukuze uthole ubulungiswa, futhi uyakholelwa kuyona.
UNdlovu uveze ukuthi ngeke ayeke ukulwela amaciko njengoba esazobhekana ngqo nezinkampani eziqoqa amaRoyalty abaculi esebenzisa inyunyana yakhe i-Artist United.







