INTATHELI YELANGA
UZIDONSELE amanzi ngomsele uJunior Khanye owaduma kwiKaizer Chiefs ngeminyakazo yakhe eyayishiya izitha ziguqile, njengoba inyunyana yabadlali, iSouth African Football Players’ Union (Safpu), ifunga ngokumthathela izinyathelo uma eqhubeka “nokukorobha” ngamagama abadlali.
UKhanye osezakhele igama elisha ngokuhlikiza abadlali namakilabhu – uma ehlaziya ibhola – usolwa ngokushiya angalazi ngabadlali okubalwa kubo uThulani “Tyson” Hlatshwayo – ogcine ukubonakala kwiSuperSport United, esiyiSiwelele – noJayden Adams weMamelodi Sundowns.

Ngo-2021, wabiza uHlatshwayo “ngomquba” (useless), wathi u-Adams ubatshazwa ubala nje, akayena umdlali osezingeni eliphezulu. Kwenzeka lokhu nje, uKhanye uvele unyamanambana kwabanye abalandeli beChiefs, kwazise uvame ukuyihlaba ayihlikize. Bamsola ngokuba nomona odalwa wukuba “yisahluleki”.
ISapfu ikhiphe isitatimende ikhwela phezu kwakhe.
“Le nto eyenziwa nguKhanye akukhona ukuhlaziya ibhola, udicilela phansi izithunzi zabadlali, ecashe ngokuthi uyahlaziya. Iwukuzicabangela yena, futhi imumethe umona, ukwahluleka empilweni nokuntula ubungcweti bokwenza izinto,” kusho isitatimende.

Le nyunyana iqhubekile yagwaza enxebeni kuKhanye, imtshela ukuthi iningi lalaba badlali abehlisa izithunzi selizuze okuningi empilweni yalo ngebhola, uma kuqhathaniswa naye.
“Le ndlela yokuziphatha (kukaKhanye) kayikhombisi nje kuphela ukunhlanhlatha, kodwa iyinhlamba ezisekelweni zobugcweti bokuziphatha, inhlonipho, nebhola uqobo,” kuqhuba isitatimende.
Siqhuba sithi le nyunyana isike yamcela uKhanye ukuba ayivakashele, kuxoxwe ngale ndlela ahlaziya ngayo, yamxwayisa ngokuthi le nto yakhe yokuhlambalaza abadlali izobalimaza imiqondo.
Ibe isithi:
* Ifuna uKhanye axolise esidlangalaleni ku-Adams, uHlatshwayo nakubo bonke abanye abadlali ake washiya angalazi kubona kungenasidingo;
* Ifuna aveze imigomo yezabezindaba ayisebenzisayo;
* Yathi uma eqhubeka edicilela phansi amagama abadlali, izomthathela izinyathelo zomthetho.
Ibe isiqinisa abadlali idolo, yathi iyohlale ibavikela, ngeke ivume bahlazwe bese kungabi ndaba zalutho.







